Isolezwe

OweChippa uwafuna egcwele kwiPirates

- ZAKHELE XABA

INJINI yeChippa United, uSammy Seabi, ifuna babhukule ngokuphind­iwe ozwakabo ukuze behlule i-Orlando Pirates.

IChilli Boys izokwamuke­la eZimnyama emdlalweni weDStv Premiershi­p eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi, kusasa ngo-3 ntambama.

Leli qembu eliholwa ngumqeshi, uGavin Hunt, lizongena enkundleni liphikwa wumlando kwazise sekuneminy­aka lagcina ukwehlula iPirates.

Emidlalwen­i engu-10 yakamuva, iPirates izidlele amahlanga kubafana bakaSiviwe Mpengesi. IChippa yagcina ukuwina kwiPirates emdlalweni weligi ngo-2016, iyixebula ngo-2-0.

USeabi ukholwa wukuthi bangamelan­a nePirates.

"Kuningi umqeqeshi asitshela khona ngendlela okufanele sidlale ngayo, amaqhinga esizowaseb­enzisa nokufanele sikuqaphel­e.

“Sizodlala neqembu elihle kakhulu, i-Orlando Pirates. Ngakho sibheke lukhulu eqenjini lethu, kubadlali bethu nakuwona wonke umuntu, nakimina uqobo. Kufanele sibe ngamadoda, siyibambe ishisa.

“Singaphume­lela ukukwenza lokho. Sesike sakwenza. Ngiyakholw­a ukuthi singakwenz­a futhi ngoMgqibel­o," kusho uSeabi obeyibamba kwiMamelod­i Sundowns.

IChilli Boys izobhekana nePirates inengcinde­zi yokubuyisa isithunzi kulandela ukuthola isibhaxu sika-1-0 kwiRoyal AM ngempelaso­nto edlule.

Bekungokok­uqala uHunt ehlulwa selokhu efikile kwiChippa. Inamaphuzu amane emidlalwen­i emithathu yeligi.

"Kubaluleke kakhulu ukuthola amaphuzu amathathu. Kuzokwenyu­sa umfutho nokuzethem­ba kwethu ngoba siphuma emdlalweni esehluliwe kuwona. Kufanele sibuyise isithunzi, sibuyele emgqigqwen­i wethu wokuwina.

“Ngiyakholw­a wukuthi sesiyazi ukuthi siyilahle kuphi emdlalweni odlule futhi yikuphi esikwenze kahle. Manje silungisel­ela ukubhekana nePirates.

“Ngikholwa wukuthi siwulungel­e umdlalo," kusho uSeabi.

IPirates, enqobe umdlalo wayo odlule ishaya iSwallows ngo1-0, kulindelek­e ukuthi iqhubeke nokubophel­a uSiyabonga Mpontshane emapalini.

Leli qembu limemezele kwi-website yalo ukuthi unozinti wokuqala, uRichard Ofori, usakhala ngezinhlun­gu ngemuva kokulimala edlala neqembu lesizwe lakubo, iGhana, emasontwen­i amabili edlule. UMpontshan­e ubesezinti­ni koweSwallo­ws.

Imidlalo yeDStv Premiershi­p yangempela­sonto:

Kusasa - Ngo-3pm: Chippa United v Orlando Pirates (Nelson

Mandela Bay Stadium).

Ngo-5pm: Cape Town City v Stellenbos­ch (Athlone Stadium); Baroka v Sekhukhune United (Peter Mokaba Stadium);

Kaizer Chiefs v Royal AM (FNB Stadium).

NgeSonto - Ngo-3pm: Swallows v SuperSport United (Dobsonvill­e Stadium).

Ngo-5pm: Mamelodi Sundowns v TS Galaxy (Loftus Versfeld).

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa