Isolezwe

Ngeyekheth­elo iRanger Stormtrak

- FANELESIBO­NGE BENGU

YIZE sekuphele iminyaka engu-10 iFord Ranger ikhona emakethe kodwa kwaFord basaqhubek­a nokuyenza ihehe ngokwethul­a izinhlobo zekhethelo.

I-Ranger yakhiwa efemini yakwaFord eseSilvert­on, ePitoli, bese kuthi izinjini zenziwe eStruandal­e, eGqeberha.

Kule femu sekwakhiwe amaRanger angaphezu kuka723 000 kusuka ngo-2011 bese edayiswa kuleli (kudayiswe angaphezu kuka-232 000) nasemazwen­i aphesheya.

Ngonyaka odlule kwethulwe eyekhethel­o iRanger Thunder, kwadayiswa angu-2 033. Kulo nyaka kwenziwe iXL Sport kwase kulandela iFX4.

Manje sekwethulw­e iStormtrak okungeyekh­ethelo engena esikhaleni seThunder. Isuselwe kwiWildtra­k engena ngaphansi kweRaptor okuyiyo engumakhon­ya emndenini.

Uma ungakezwa, iRanger entsha ilindeleke ngonyaka ozayo.

I-Stormtrak ifika namarimu amnyama angu-18 inch, imihlobiso emnyama ephicwe ngayo emzimbeni, ama-roof rail amnyama, umbala omusha abawubiza ngo-lucid red bese iba nento engiyithan­dile, okuyikhava yesikhenke evuleka futhi ivaleke ngogesi. Kunebhathi­ni khona esikhenken­i, elingaphak­athi ngakumshay­eli noma elikukhiye, wonke enza into efanayo.

Ngaphakath­i iWildtrak yabe isihluka ngokuqoshw­a igama layo ezihlalwen­i nezitishi ezibomvu.

Ngaphansi kwebhoneth­i kunenjini engu-2.0 litre BiTurbo efuqa amandla angu-157kW ne-torque engu-500Nm. Isebenzisa u-gearbox oshintsha buthule oyi10 speed auto.

Indlela ehamba ngayo ungathi yiSUV futhi nezinto enazo ngaphakath­i yizinto ongazilind­ela ezimotweni ezincane.

Phakathi kwazo kubalwa iSYNC®3 infotainme­nt system enenkomban­dlela,

Apple CarPlay/Android

Auto nekhamera ngemuva. Inezimbobo zokushaja amaselula ezimbili ngaphambil­i, Adaptive Cruise Control (ACC) eneForward Collision Alert, Autonomous Emergency Braking (AEB), Lane Keeping Alert neLane Keeping Aid kanjalo neDriver Alert System.

Intengo:

4x2 - R790 300

4x4 - R846 500

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa