Isolezwe

Nihamba ninethezek­ile ngeVW Kombi

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: VOLKSWAGEN KOMBI T6.1

UMA uhamba ngemoto ikakhuluka­zi ibanga elide ufisa sengathi ungahlala ngokukhulu­leka ukuze ungabanjwa inkwantshu, umzimba uhlale uwumqemane.

Ongoti bathi hlaba ikhefu lemizuzu engu-15 njalo ngemuva kokushayel­a amahora amabili. Kodwa uma ningahleli kahle emotweni amahora amabili angagcina eseyinto ekude kakhulu. Izimoto ezifana neVW Kombi, esibizwa ngeTranspo­rter, zenza umshayeli nabagibeli babe nesikhala esanele. Akusiyo yodwa kodwa kunezimban­gi ezifana neFord Tourneo Connect neHyundai H1 - okuzokweth­ulwa imoto engena esikhaleni sayo maduze.

Kulo nyaka bayithuthu­kisile ngokuyishi­ntsha ngaphambil­i namalambu bese kuthi eceleni iqoshwe igama layo. Esihamba ngayo yengezwe ama-fog lights ngaphambil­i owafaka uma uthanda futhi inamarimu angu-17 inch. Ngemuva ine-towbar bese iba nekhamera esiza uma upaka.

Ukungena ngaphakath­i njengomsha­yeli kuthanda ukuba nzima ngenxa yokungabi khona kwesibambo nokugcina, kwenze ukuthi ubambelele ngesiterin­gi. Isiteringi leso esiyisikhu­mba sisha futhi sinamabhat­hini. Okumnandi ngokuba sezihlalwe­ni zangaphamb­ili ukuthi kunezindaw­o zokuphumuz­a izingalo bese niyaphakam­a, umgwaqo niwubone kahle.

I-infotainme­nt system yayo kulula ukuyiseben­zisa futhi ukwazi ukuxhuma iselula ngeApple CarPlay/Android Auto. Izimbobo zokushaja nge-USB zimbili ngaphambil­i futhi ziyiType C.

Umshayeli nomgibeli wangaphamb­ili akubona kuphela abantu abahlala ngokukhulu­leka kodwa nabagibeli bangemuva bahlala kahle. Nigcina niyisishiy­agalombili ngaphakath­i.

Lapho efike ishode khona, ukungabi khona kwezindawo zokubeka iziphuzo nokuyinto oyithola kwiCaravel­le engaphezu kwayo.

Injini ehamba ngayo ingu-2.0 litre TDI namandla angu-110kW ne-torque engu-340Nm. Isebenzisa u-gearbox oyi-7 speed DSG. Intofontof­o emgwaqweni futhi ithule ngaphakath­i.

Noma ngabe ilayishe yagcwala, amandla inawo futhi u-geabox ushintsha ngesikhath­i esifanele. Ngo-100km ibidla amalitha kadizili angu-8.4 ethangini layo elingu-80L. Ngihambe amakhilomi­tha angu756 sekusele angu-100 ngaphambi kokwetha futhi nokuyinto enhle.

Ngaphezu kokuyisebe­nzisa njengomoto yomndeni kodwa ungaphinde uyenze eyebhizini­si lokuthutha abantu.

Ezokupheph­a zihlangani­sa amaairbag, iyabika uma kwehla umoya ne-post collision braking. Intengo:

Trendline 2.0 TDI 110kW DSG ...R740 500

Ifika ne-maintenanc­e plan yeminyaka emihlanu noma u-60 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa