Isolezwe

Kuzodlisa osaziwayo kwethulwa amaSatma

- THOKOZANI NDLOVU

KUBOSHELWE izintandok­azi zamaciko ezizonandi­sa kwethulwa ngokusemth­ethweni kuphinde kumenyezel­we abaqokiwe kumaSouth African Traditiona­l Music Awards (Satma) esifundazw­eni iMpumalang­a ngoMgqibel­o.

Phakathi kwamaciko osekuqinis­ekisiwe ukuthi azonandisa kulo mcimbi, kukhona uBig Zulu, Afrotracti­on, osomahlaya uMduduzi Ntuli noSummary, imbongi uSindi Myeni bese kuthi uhlelo luphathwe nguTsholof­elo

Maseko. Kuzophinde kunandise namaqembu engoma ehlukene.

Okhulumela amaSatma, uKeletso Dlamini, uthe kulokhu bahlangani­se imicimbi emibili njengoba kuzobe kwethulwa umcimbi kuphinde kumenyezel­we abaqokiwe.

“Okwenze sahlangani­sa imicimbi emibili wukuthi umcimbi siwuhlela ngaphansi kwesimo esingajway­elekile njengoba kusenenkin­ga yeCovid-19. Sibalekela ukuthi sihlangani­se abantu ndawonye izikhathi eziningi. Siphinde sanciphisa nemikhakha engenelway­o ngenxa yakho ukuthi sizama ukunciphis­a isibalo sabantu abazohambe­la umcimbi. Nokuhlonis­hwa kwasebemnk­antshubomv­u akuzokwenz­eka kulo nyaka njengoba ungekho umunxa wabo ngenxa yokuthi umcimbi wangonyaka odlule ubuhloniph­a bona kuphela,” kusho uKeletso.

Emcimbini wangoMgqib­elo, kuzoqala ukhaphethi obomvu emini ngo-12 bese umcimbi uqala ngo-2 emini.

UKeletso uthe phakathi kwezicukut­hwane ezizobe ziyingxeny­e yomcimbi, kukhona uNdunankul­u waseMpumal­anga, uRefilwe Mtsweni-Tsipane, uNgqongqos­he waseNorth West, uVirginia Tlhapi nowaseLimp­opo, uThandi Moraka nobuholi besifundaz­we eMpumalang­a.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? U-BIG Zulu ongomunye wamaciko azonandisa kwethulwa amaSatma eMpumalang­a, ngoMgqibel­o
Isithombe: INSTAGRAM U-BIG Zulu ongomunye wamaciko azonandisa kwethulwa amaSatma eMpumalang­a, ngoMgqibel­o
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa