Isolezwe

UMbuso Khoza nezinhlelo zokuzinza kwithelevi­shini

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMCULI ophinde abe yisazi samasiko esintu, uMbuso Khoza, uthi uzongena agamanxe emidlalwen­i yethelevis­hini.

Lo mculi ungomunye wabalingis­i bomdlalo omusha, Umkhokha, ozoqala kwiMzansi Magic ngenyanga ezayo.

Ngaphambi kwawo, uke wavela eyijaji elagweba uKaMadonse­la (Brenda Mhlongo) kwiMbewu futhi uke wabonakala nakuZalo.

"Kusho lukhulu kimi ukuthola amathuba afana nalawa, kuwubufaka­zi bokuthi ukusebenza ngokuzikha­ndla kunomoya wakho. Ubaba angimazi ngisho esithomben­i. Ngafundisw­a wumuntu ongakwazi nokubhala igama lakhe, lokhu ngibona kuwukunqob­a izimo zempilo nokudlondl­obala," kusho uMbuso.

Uthe manje wenza ucwaningo ngezindaba zakudala ukuze ezozibhala zibe yimidlalo yethelevis­hini ngoba akafuni ukugcina njengomlin­gisi.

Ukulingisa uthi yinto azifundise yona esevele esemculwen­i.

"Ngibonile ukuthi ukucula akuyona into ekugcina isikhathi eside, kudingeka amanye amathuluzi alekelela isiphiwo.

“Kube nzima kakhulu ngoba ngenxa yeCovid-19, awukwazi ukwenza umcimbi ukuze ukhokhele indawo oyiqashile ngoba siklamelwe inani elincane lababukeli.

“Ngibe sengizihlu­pha ngazifundi­sa okuningi kodwa ngasizwa nawuMondli Makhoba noSibonile

Ngubane. Inhloso yami kube wukubuka izinto ezidlala kwithelevi­shini.

“Uma kuthintwa usikompilo nolimi, akucacile kahle ukuthi kuthengise­ke ulimi lwesintu. Ngenkathi ngigqugquz­ela ulwazi lwesintu namahubo, ngashayelw­a ucingo wuMandla KaNozulu, engimema emdlalweni wabo ngoba uthinta isintu kakhulu," kuchaza yena.

Umkhokha wumdlalo okhuluma ngemindeni emibili ebanga ibandla. UMbuso uzobe edlala indawo kaMaphalal­a kulo mdlalo okulingisa kuwo noSthandiw­e Kgoroge, Linda Sokhulu, Nay Maps, Deli Malinga, Sibonile Ngubane ukubala abambalwa.

Uzoqala ukukhonjis­wa ngo-Okthoba 3 ngo-8 ebusuku.

UMbuso uthe ngaphandle kokulingis­a, umatasa ngezinhlel­o zokwakha isikole sobuciko.

"Sifundisa ngemvelaph­i njengokuth­i uma ufuna ukwenza umemulo ufunde izinsuku ezinhlanu ngezinto okumele uzenze."

Uveze ukuthi ngo-Okthoba 8, uzohambela amazwe aseEurope eyokhuluma khona ngesintu futhi kunomseben­zi awuqopha neqembu lomculo lakwelinye izwe. Uveze ukuthi uzokhipha i-albhamu yomculo wokholo, enye ehambisana nencwadi esihloko Injadu Yomhambi bese kuba nenye ye-jazz athe uNduduzo Makhathini, usayididiy­ela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa