Inkombankombane kwabalwe etekisini
bayeke ukuphuza, babuza umthetho othi bangaphuzi.
“Ngasaba nokubehlisa esigangeni ngoba ngibona ukuthi yizingane futhi ziphuze ngokwedlulele,” kusho umshayeli wetekisi.
Uthe baphinde bamlwisa bethi akayobashiya eWorkshop kepha wanqaba ngoba itekisi igcina eYMCA bese iphindela erenki. Owesifazane ongathandanga ukudalulwa owayegibele kule tekisi, uthi bafika eThekwini bengasayithandi indaba ngenxa yomsindo nokudelela kwalaba besifazane, wonke umuntu wayesecasukile.
UNksz Fezeka Mtolo ohlala eThekwini, owenza izifundo iBachelor of Social Science eNyuvesi yaKwaZulu Natal, eHoward College, oshaywe wuNdlangisa, uthe babethintile kancane nomngani wakhe kodwa bengahluphi muntu etekisini.
“Angisakhumbuli ukuthi sasixoxa ngani nomngani kodwa asihluphanga etekisini. Okungiphethe kabi wukuthi abantu basiyekelela wasishaywa loya baba singamenzanga lutho. Kwaba khona ukuphikisana ngamazwi ngoba ngangingaqondi ukuthi uMbali uxoliselani kuloya baba, wavele wasukuma nje wangishaya ngingamenzanga lutho. Ngangingeke ngishaye umuntu wesilisa, anginawo lawo mandla,” kusho uNksz Mtolo.
Uthe angeke aze alivule icala ngoba akamazi uNdlangisa. Ngenkathi Isolezwe lixoxa naye, uthe kungani ebuzwa ukuthi kwenzakaleni ngoba kumele kukhulunywe indaba yokuthi ushaywe ngumuntu wesilisa?
Udadewabo kaNksz Mtolo, uNksz Thabile Phewa, utshele Isolezwe izolo ukuthi udadewabo udinga ukwelulekwa ngokwengqondo emva kwalesi sehlo.
UNksz Mbali Zwane ohlala eThekwini owenza izifundo zePublic Management e-Unisa owayezwakala ekhuza kule video, uthe akazange aqonde ukuthi kungani umngani wakhe ashaywa nguNdlangisa.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Mhlabunzima Memela, uthe kuyicala ukushaya umuntu.
“Akukhathalekile ukuthi ubani oqale washaya omunye. Ubaba unelungelo lokuthi ayovula icala njengoba ethi wahlaselwa.
“Amaphoyisa azobe esenza uphenyo. Umnyango uzonikeza laba besifazane usizo lokululekwa ngokwengqondo kodwa bebengakezi kuthina,” kusho uMemela. Imenenja ehhovisi leSantaco eKZN, uMnuz Sfiso Shangase, ithe utshwala abuvumelekile ematekisini ngoba izimoto ngezomphakathi.
“Kuzokwenzeka uthele umuntu ngotshwala acasuke bese kuqala ingxabano. Sisamile ekutheni abesifazane bangashaywa. Abesifazane banawo amalungelo kodwa ahambisana nokuziphatha ngendlela efanele.”