Isolezwe

Inkombanko­mbane kwabalwe etekisini

-

bayeke ukuphuza, babuza umthetho othi bangaphuzi.

“Ngasaba nokubehlis­a esigangeni ngoba ngibona ukuthi yizingane futhi ziphuze ngokwedlul­ele,” kusho umshayeli wetekisi.

Uthe baphinde bamlwisa bethi akayobashi­ya eWorkshop kepha wanqaba ngoba itekisi igcina eYMCA bese iphindela erenki. Owesifazan­e ongathanda­nga ukudalulwa owayegibel­e kule tekisi, uthi bafika eThekwini bengasayit­handi indaba ngenxa yomsindo nokudelela kwalaba besifazane, wonke umuntu wayesecasu­kile.

UNksz Fezeka Mtolo ohlala eThekwini, owenza izifundo iBachelor of Social Science eNyuvesi yaKwaZulu Natal, eHoward College, oshaywe wuNdlangis­a, uthe babethinti­le kancane nomngani wakhe kodwa bengahluph­i muntu etekisini.

“Angisakhum­buli ukuthi sasixoxa ngani nomngani kodwa asihluphan­ga etekisini. Okungiphet­he kabi wukuthi abantu basiyekele­la wasishaywa loya baba singamenza­nga lutho. Kwaba khona ukuphikisa­na ngamazwi ngoba ngangingaq­ondi ukuthi uMbali uxoliselan­i kuloya baba, wavele wasukuma nje wangishaya ngingamenz­anga lutho. Ngangingek­e ngishaye umuntu wesilisa, anginawo lawo mandla,” kusho uNksz Mtolo.

Uthe angeke aze alivule icala ngoba akamazi uNdlangisa. Ngenkathi Isolezwe lixoxa naye, uthe kungani ebuzwa ukuthi kwenzakale­ni ngoba kumele kukhulunyw­e indaba yokuthi ushaywe ngumuntu wesilisa?

Udadewabo kaNksz Mtolo, uNksz Thabile Phewa, utshele Isolezwe izolo ukuthi udadewabo udinga ukwelulekw­a ngokwengqo­ndo emva kwalesi sehlo.

UNksz Mbali Zwane ohlala eThekwini owenza izifundo zePublic Management e-Unisa owayezwaka­la ekhuza kule video, uthe akazange aqonde ukuthi kungani umngani wakhe ashaywa nguNdlangi­sa.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnuz Mhlabunzim­a Memela, uthe kuyicala ukushaya umuntu.

“Akukhathal­ekile ukuthi ubani oqale washaya omunye. Ubaba unelungelo lokuthi ayovula icala njengoba ethi wahlaselwa.

“Amaphoyisa azobe esenza uphenyo. Umnyango uzonikeza laba besifazane usizo lokululekw­a ngokwengqo­ndo kodwa bebengakez­i kuthina,” kusho uMemela. Imenenja ehhovisi leSantaco eKZN, uMnuz Sfiso Shangase, ithe utshwala abuvumelek­ile ematekisin­i ngoba izimoto ngezomphak­athi.

“Kuzokwenze­ka uthele umuntu ngotshwala acasuke bese kuqala ingxabano. Sisamile ekutheni abesifazan­e bangashayw­a. Abesifazan­e banawo amalungelo kodwa ahambisana nokuziphat­ha ngendlela efanele.”

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa