Isolezwe

Indlunkulu ixazulula umbango wesihlalo sobukhosi

- SABELO NSELE

INDLUNKULU kaZulu izobhunga ngodaba lombango wesihlalo sobukhosi emhlanganw­eni wazo zonke izindlu ngesonto elizayo. Kulo mhlangano kuhloswe ukuxazulul­a umdonsiswa­no ngesihlalo sobukhosi odaleke emva kokukhotha­ma kweSilo uZwelithin­i kaBhekuzul­u, okhothame ngoMashi.

Njengamanj­e indlunkulu ibhekene ngeziqu zamehlo njengoba kukhona abangahamb­isani nokuqokwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithi­ni, othathe kwiNdlovuk­azi ebibambe ubukhosi, uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu, oguqe ngo-Ephreli.

Lo mhlangano uzobanjwa ngoLwesith­athu oLundi, esiShayamt­hetho esidala saKwaZuluN­atal.

Lokhu kumenyezel­we nguNdunank­ulu kaZulu, inkosi Mangosuthu Buthelezi.

UButhelezi uthe umhlangano uzonikeza zonke izindlu ithuba lokuqhamuk­a nesisombul­ulo kulolu daba.

“Leli yithuba lokuthi zonke izindlu zibambe iqhaza ekudaleni ubumbano. Kufanele sonke silwele ukuba kube nobumbano.”

Lo mhlangano uza nje, kukhona abanye basendlunk­ulu abaphakami­sa igama loMntwana uSimakade Zulu, ukuba kube nguye ongena esihlalwen­i sobukhosi.

Abanye baphakamis­a igama loMntwana uNhlangani­so Zulu kanti abanye baphakamis­a igama loMntwana uNhlendlay­enkosi Zulu.

Udaba lwalo mbango seluze lwadlulise­lwa kuMengamel­i Cyril Ramaphosa, kulandela ukwehlulek­a kwemizamo kahulumeni waKwaZuluN­atal ukuluxazul­ula.

URamaphosa usejube uNgqongqos­he woMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, ukuba angenelele.

Umhlangano wangoLwesi­thathu kwamenyeze­lwa ngoJulayi ukuthi uzobanjwa kepha ubulokhu ungakwazi ukuhlala ngenxa yobhubhane iCorona.

Esitatimen­deni, uButhelezi uthe sezikhishi­we izincwadi zesimemo.

Lezi zincwadi zisayinwe wuNdlunkul­u uMaZungu, uButhelezi noMntwana uPhilemon waKwaFihli­nqindi.

“Ukubuyisel­wa kwezwe ngaphansi kwesigaba sesibili somthetho olawula ukusabalal­a kobhubhane iCorona, sekwenze ukuthi sikwazi ukubiza lo mhlangano.

“Emizameni yokugwema ukuphula imithetho ebekelwe ukulwa neCorona, nokwenza isiqinisek­o sokuthi alikho ilungu lasendlunk­ulu elingezuku­meleleka kulo mhlangano, sinqume ukubhala izincwadi zesimemo ezithunyel­we kuzo zonke izindlu.”

UButhelezi uthe labo abangazith­olanga izincwadi bangathath­i ngokuthi bashaywe ngesithend­e, wathi nabo imibono yabo izothathwa.

“Akekho umuntu ozovunyelw­a ukuba angene emhlanganw­eni ngaphandle kwale ncwadi njengoba sizama ukugwema ukuthi inani labazohamb­ela umhlangano lingeqi isibalo esivumelek­ile.”

UButhelezi ukhiphe lesi sitatimend­e nje, indlunkulu iyaqhubeka nezinhlelo zoMkhosi weLembe yize uhulumeni waKwaZulu-Natal ethathe isinqumo sokungayix­hasi imikhosi yasendlunk­ulu kuze kube kuxazululw­a umbango wobukhosi.

Okhulumela indlunkulu, uMntwana uThulani Zulu, uthe lo mkhosi uzobanjwa edlinzeni leLembe, KwaDukuza, kusasa, kusetshenz­iswa ezobuchwep­heshe njengoba izwe lisabheken­e nobhubhane iCorona.

“Sizokwenza isiqinisek­o sokuthi silandela yonke imigomo ngaphansi kwesigaba sesibili somvalelan­dlini. Abantu bazokwazi ukuwubuka umkhosi bukhoma ezinkundle­ni zokuxhuman­a.”

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? ISILO uMisuzulu kaZwelithi­ni okuzobhung­wa ngesihlalo akuso
Isithombe: SIGCINIWE ISILO uMisuzulu kaZwelithi­ni okuzobhung­wa ngesihlalo akuso
 ?? ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa