Isolezwe

Bashaywe baze bafa besolwa ngokweba

- PHILI MJOLI

BATITINYWE wumphakath­i baze bashona abesilisa baseMzimkh­ulu ababili okuthiwa babanjwe oqotsheni bentshonts­ha izimbuzi kule ndawo ngoLwesibi­li.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, abesilisa abayisithu­pha abebehamba ngeveni babonwe ngabafundi abebesesik­oleni, bentshonts­ha izimbuzi ebezingelu­swe muntu zisentaben­i ephakathi kwezigodi ezimbili zakule ndawo, okuyiseNda­bayilali ne-Antioch.

"Bekusaphel­e amasonto amathathu le moto ifike kule ndawo yashaqa izimbuzi eziyishumi endaweni efanayo. Nakuqala abafundi bayibona kodwa yakwazi ukubaleka. Kulokhu bese kuhleliwe ukuthi uma bebuya kuzovalwa umgwaqo bangakwazi ukuphuma," kusho umthombo okule ndawo.

Uthe lawa madoda, abevele esezilayis­hile izimbuzi evenini, athe uma ebona ukuthi umgwaqo uvalwe ngamatshe, azama ukuhamba eceleni kwawo, imoto abehamba ngayo yalimala amathayi yangabe isakwazi ukuhamba.

"Abaleke ngezinyawo aya ngakwesiny­e isigodi kanti nakhona asekakiwe, kwagcina kubanjwe ababili, abane babaleka. Laba ababili bale baphetha ukusho ukuthi bathunywe ngubani nokuthi bangabakup­hi okuholele ekutheni umphakathi udinwe kakhulu, ubashaye baze bafe. Baphendule ngokuthi umuntu obathumile ngumuntu umphakathi ongeke umenze lutho. Imoto yabo, ebikhishwe izinombolo, nayo ishiswe yiwo umphakathi obudiniwe," kuchaza lo mthombo.

Inkosi yendawo, uMnuz Nkosiyezwe Msingaphan­si, ithe umkhuba wokwebiwa kwemfuyo kule ndawo udlangile.

"Lezi zigameko ziyabikwa emaphoyise­ni kodwa akuboshwa muntu, engicabang­a ukuthi yikho okuthukuth­elise kakhulu umphakathi," kusho yena. UBrigadier Jay Naicker, okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, usiqinisek­isile lesi sigameko, wathi amadoda amabili abulewe kulesi sigameko aneminyaka elinganise­lwa kwengu-30.

"Kuvulwe icala lokubulala eliphenywa ngamaphoyi­sa aseNtsiken­i, okwamanje bekungakab­oshwa muntu," kusho uNaicker.

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa