Isolezwe

Kufunwa ’obulale’ intombi ngokuyishi­sa

- AFRICAN NEWS AGENCY

KUTHUNGATH­WA isoka lowesifaza­ne waseGugule­thu, uNksz Jacqueline Mpontsana, ngezinsolo zokumbhuny­ela ngophethro­li laqeda lamokhela ngomlilo, washona.

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Andrè Traut, uthe owesifazan­e oneminyaka engu40 kukholakal­a ukuthi ushiswe ngumuntu abethandan­a naye ngoMsombul­uko ngo-1.50 ekuseni emuva kwengxaban­o.

Isigameko senzeke lapho behlala khona eNY109, eGugulethu.

Kunezinsol­o zokuthi akukhona okokuqala umufi, obenezinsu­ku ezimbili ebuyelene nesoka lakhe, limshaya.

Kuthiwa ngaphambil­ini kwaze kwangenele­la umshana nobabekazi wakhe.

Umzala kaNksz Mpontsana, uLuvuyo Ndzuzo, uthe kusenzima ukwamukela okwenzekil­e emndenini njengoba ebulewe ngesihluku esingaka.

Uthe izingane bezisengoz­ini njengoba kuze kwaphoqa ukuba ziphule izicabha ukuze zikwazi ukubalekel­a umlilo obusha ubuhanguha­ngu endlini.

UTraut uthe: “Umsolwa ubalekile endaweni yesigameko, ubengakabo­shwa. Ongaba nolwazi, angaxhuman­a namaphoyis­a enombolwen­i yamahhala ethi: 08600 10111.’’

UNksz Mpontsana, ubesanda kugubha usuku lwakhe lokuzalwa ngesonto eledlule, esebenza ukuvikela umphakathi futhi enengane yentombaza­ne eneminyaka engu-12.

Kwenzeka lokhu nje, ngoFebhuwa­ri uLungile Nxelelwa ugwetshwe odilikajel­e ababili neminyaka emihlanu yinkantolo yasePalm Ridge, ngokubulal­a intombi yakhe, uNksz Keneilwe Pule, yaseSeboke­ng.

Wayidlweng­ula wabe eseyibulal­a, wokhela isidumbu sayo ngo-2019.

UNxelela wayekade esethandan­e noPule iminyaka emithathu. Umufi kwavela ukuthi walinyazwa kanzima esithweni sakhe sangasese nangemuva.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa