Isolezwe

I-ANC nezinyathe­lo kwabazame ukuchibiye­la uhlu

- MHLENGI SHANGASE

I-ANC ithi izowathath­ela izinyathel­o amalungu abefuna ukuchibiye­la uhlu lwabantu abazongene­la ukhetho. Ekhuluma esithangam­ini sabezindab­a izolo uNksz Jessie Duarte, iPhini likaNobhal­a jikelele, emva kokuhambis­a amagama abantu abazongene­la ukhetho ngoLwesibi­li ntambama, uthe u-46% wabantu abafolosa ngabo okhethweni lwamakhans­ela, ngabesifaz­ane nabantu abasha.

Uthe kwezinye izindawo imiphakath­i ibisaphamb­ana nemigomo yenhlangan­o ngokuthi iqoke abesilisa, ukuthi kube yibo abazongene­la ukhetho ishiya abesifazan­e.

“Sizozithat­hela izinyathel­o lezo zindawo lapho kukhona abebezama ukuchibiye­la uhlu lwabantu abazongene­la ukhetho. Kudingeke sisuse abantu ohlwini lwabangene­layo emuva kokutholak­ala ukuthi babhekene namacala.

“Sithole izikhalo ngalabo okuthiwa babenamaca­la amathikith­i ezimoto, lawa amacala mancane ukube nabo sibasusile ohlwini cishe u-90% ubungeke ukwazi ukungenela ukhetho.”

Uthe emihlangan­weni yamagatsha kukhona abebezibon­a ukuthi kumele bakhethwe.

“Bebefuna ukukhethwa noma kungathiwa umphakathi awubafuni. Yingakho sithole inqwaba yezikhalo esisematas­a nazo.

“Nalabo abebefuna ukungena ngenkani noma umphakathi ungabafuni sizobathat­hela izinyathel­o.”

Uthe bakwazile ukungenela ukhetho kubona bonke omasipala bakuleli njengoba ekuqaleni bahluleka ukungenela kwamanye ama-ward komasipala. Uqhube wathi u-25% wamakhanse­la kuzoba abantu abasha, iningi labo elineziqu.

“Amakhansel­a ethu afaka nabantu abathandan­a nobulili obubodwa. Abangenele ukhetho abancane baneminyak­a engu-20, omunye ungenele ukhetho eBuffalo City eGoli, omunye kuMasipala waseKouga e-Eastern Cape. Imiphakath­i ibambe iqhaza ikhetha abantu ebafunayo.”

Uthe kodwa uhlelo lokukhetha izimeya komasipala abangamaMe­tro, luzokwenzi­wa yisigungu sesifundaz­we hhayi isifunda.

“Sizokhetha abantu abathathu, abazophons­wa ngemibuzo bese kukhethwa ofanele. Ozokhethwa kumele kube ngumuntu onamava kuhulumeni kodwa akusho ukuthi kumele kube ukuthi ubuyikhans­ela impilo yakho yonke. Sifuna umuntu ozokwazi ngezezimal­i, azi ngeANC bese azi ngedolobha lakhe. Akukwazi ukuthi ungathi uhlala eThekwini ufune ukuba yimeya yaseGoli.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa