Isolezwe

Zimkhalele owebe umshini wezinso

- PHILI MJOLI

UVELE enkantolo izolo owesilisa waseChatsw­orth okusolwa ukuthi untshontsh­e umshini osiza abanenking­a yezinso.

Lo wesilisa, oneminyaka ewu27, kuthiwa uke wasebenza kulesi sibhedlela kanti wethweswe icala lokweba.

Uvele enkantolo yemantshi yakule ndawo izolo. Kusolwa ukuthi wafika esibhedlel­a ngenyanga edlule wagqashula umshini osiza abantu abanenking­a yezinso egunjini owawuxhuny­we kulo maqede wabaleka nawo.

Ngokuthola kwamaphoyi­sa, wawudayisa kwesinye sezitolo ezaziwa ngama-pawn shop lo mshini, wathola imali.

UCaptain Nqobile Gwala, okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uthe bese kuphele inyanga amaphoyisa ephansi phezulu efuna umsolwa.

"Umsolwa uboshwe eShallcros­s, sekuphele inyanga elokhu ebalekela amaphoyisa abemfuna phansi phezulu.

“Umshini wokuhlanza izinso, ongabiza uR250 000, wona utholakale eMhlathuza­na Township. Amaphoyisa awuthathil­e umshini kulo muzi otholakale kuwo, uzobuyisel­wa esibhedlel­a uma sekushaye isikhathi," kusho uCapt Gwala.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa