Isolezwe

I-Sadtu nombhikish­o wokudilizw­a kwabaseben­zi

- MHLENGI SHANGASE

INYUNYANA yothisha, iSadtu, izobhikish­ela inkohlakal­o, ukunqaba kwemiseben­zi, ukudilizwa kwabaseben­zi, ukulwa nezehlakal­o zokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane kanjalo nezinye izinto ngenyanga ezayo.

Le nyunyana ithe izoba yingxenye yomkhankas­o weCosatu, wokulwa nazo zonke lezi zinto njengoba kuzoba nosuku lombhikish­o.

UNobhala jikelele weSadtu, uMnuz

Mugwena Maluleke, uthe umhlangano wesigungu sale nyunyana muva nje unqume ukuthi bazokwesek­a iCosatu kwiNationa­l Day of

Action.

Uthe lo mkhankaso uzobe uholwa yilo mfelandawo­nye ngoOkthoba 7.

Uqhube wathi iCosatu yaya kwiNedlac, yayazisa ngezinhlos­o zalo mbhikisho.

“Le mibhikisho izobe yenzeka ezweni lonke ngalolu suku. Amalungu azozikheth­ela ukuthi azobhikish­a kanjani.

Izinto eziseqhulw­ini esikhala ngazo ukulahleka kwemiseben­zi, inkohlakal­o, ukushoda kwemiseben­zi, udlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane nezingane, nezinye izinto ezihlupha abasebenzi nabantu bakuleli okubalwa neyokugome­la iCovid-19.”

UMaluleke uthe bakhathaze­kile futhi ngemibiko yokuthi kungase kudilizwe othisha KwaZulu-Natal ngenxa yokunqanyu­lwa kwesabelom­ali.

Ukunqanyul­wa kwesabelom­ali kulindelek­e ukuthi kuqhubeke iminyaka emithathu kulesi sifundazwe.

Uthe njengoba ngoNovemba 1 kuzobe kuvotelwa ohulumeni basekhaya, iSadtu izokweseka i-ANC.

“Njengoba siyingxeny­e yeCosatu, sizokwesek­a i-ANC okhethweni ukugxilisa intando yabantu. Sizovikela neNational Democratic Revolution ngoba abasebenzi banelungel­o lokuvotela inhlangano eyabatakul­a. Ngaphansi kwe-ANC sibonile ushintsho empilweni yabantu bakuleli.”

Uthe abantu banogesi, amanzi, imigwaqo, bathola usizo lwezempilo, isibonelel­o sabangaseb­enzi nezinye izinto eziningi.

“Ngeke sikuphike ukuthi ukhona umehluko owenzekile, nakuba zikhona ezinye izingqinam­ba ezifana neCovid-19 nezinye.”

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa