Isolezwe

I-ATM igadla ngenyanga yemali okhethweni

- KHULEKANI MASEKO

LIZOGADLA ngenyanga yodumo lokutsaka ngemali emzimbeni kwesobukha­nsela, iqembu i-African Transforma­tion Movement (ATM). Leli qembu liyaqala ukungenela ukhetho lohulumeni basemakhay­a njengoba lisungulwe ngo-2018.

UMnuz Andile “Mzimb’okhalimali”

Dlamini waKwaNongo­ma, uzobonakal­a ezikhangis­weni ze-ATM, eyimele ku-ward-28 ngaphansi kukaMasipa­la weTheku, njengoba kusondela izinsuku zokhetho olungoNove­mba 1. Ekhuluma neSolezwe izolo, uDlamini uthe ubengakaze azibandaka­nye namaqembu ezepolitik­i kodwa wamukele isicelo sabantu abebemqoki­le ukuthi abamele okhethweni njengekhan­sela. Uthe ukhethe i-ATM ngoba ikhombisa ukuhambisa­na nezinto zenkolo nezamasiko futhi ayibabukel­i phansi abelaphi bendabuko.

“Okungenze ngakhetha i-ATM yingoba kungiphath­e kabi ukubona uhulumeni ophethe, evalela ngaphandle abelaphi bendabuko ngesikhath­i kufika iCovid-19 kuleli. Akangafuna ukuthi babe yingxenye yokuthola isixazulul­o sokulwa nokubhebhe­ka kwegciwane. Kunalokho uhulumeni unqume ukusebenzi­sana nabantu baphesheya wangasinak­a thina singabelap­hi bendabuko,” kusho uDlamini.

Uthe isifiso sakhe esikhulu ukubona abantu besebenza kuphinde kuqhakanji­swe amakhono okuyinto athe unethemba lokuthi ingalekele­la ukulwa nobubha.

Uveze nokuthi yize umsebenzi wakhe kuwukwelap­ha abantu kodwa uma engaba yikhansela ngeke lokho kuphazimes­eke ngoba usebenza ngempelaso­nto ukulapha abantu.

Uthe unethemba lokuthi abantu bazovotela i-ATM ngenxa yezinhloso zayo ezicacile uma kukhulunyw­a ngokuletha intuthuko kubantu.

Okhulumela i-ATM, kuzwelonke uMnuz Sibusiso Mncwabe, ukuqinisek­isile ukuthi uDlamini uzomela iqembu okhethweni oluzayo, wathi iqembu lizokwethu­la umhlahland­lela wokhetho, maduze.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa