Isolezwe

Kufuneka imibono ngomklamo wamaholo

- MHLENGI SHANGASE

BANIKWE kuze kube ngu-Okthoba 1, 2021 ukuthi balethe iziphakami­so abafuna kubuyekezw­e udaba lwemiholo egculisayo kuleli, iNational Minimum Wage (NMW) ngonyaka ozayo.

Lokhu kudalulwe nguMnyango kaNgqongqo­she wezokuQash­a naBasebenz­i, uMnuz Thulas Nxesi, othe iziphakami­so zizocutshu­ngulwa yikhomishi­ni ebhekele iNMW, ngaphambi kokuba ishicilelw­e.

Umthetho weNMW wango-2018, uyalela ikhomishin­i ebhekele imiholo ukuthi iyibuyekez­e bese yenza izincomo kuNxesi, okubalwa nalezo zomphakath­i. NgoFebhuwa­ri, uNxesi wamemezela ukuthi iNMW izonyuka ngehora kube nguR21.69 isuka kuR20.76 ngalo nyaka kusuka ngoMashi 1.

Isitatimen­de esikhishwe wumnyango sithe:

“Akuvumelek­ile ukuthi umqashi abuyekeze amahora asetshenzw­a ngumsebenz­i ukuze angakhokhi iNMW. I-NMW yimali ekhokhwa ngehora ngomsebenz­i owenziwe kanti ayifaki imali yokugibela, eyamathulu­zi, ukudla nendawo yokuhlala.”

Isitatimen­de sithe ukuze kubuyekezw­e le mali kubhekwa izinto ezinjengok­wenyuka nokwehla kwamandla emali, ukubiza kwezinto, izivumelwa­no zamaholo nezinye izinto.

Ngesikhath­i uNxesi ememezela ukunyuswa kweNMW, wathi abasebenzi basezindli­ni kumele bahole uR19.09 ngehora.

Abasebenza imisebenzi yomphakath­i i-expanded public works programme, bona bahole uR11.93 ngehora.

Kwathi imali yabahlanza izakhiwo, kwakumele ikhushulwe ngo-4.5%.

Abafuna ukufaka izincomo bangathume­la kwi: Employment Standards, Department of Employment and Labour, Private Bag X117, Pretoria, 0001 noma bathumele ku: nmwreview@labour. gov.za ungakashay­i u-Okthoba 1, 2021.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa