Isolezwe

Uzogubha nomphakath­i oweMsinga Driftkhana

- FANELESIBO­NGE BENGU

UZOGUBHA usuku lwakhe lokuzalwa neminyaka engu10 kwasungulw­a iMsinga Driftkhana ngokubuyis­ela emphakathi­ni umsunguli wayo, uSmanga Mabaso, kusuka namhlanje.

USmanga, ozobe ehlanganis­a iminyaka engu50 edla anhlamvana kusasa, uhlela umcimbi waminyaka yonke okudlalwa kuwo izimoto, kushaywe izidudla eMphelanka­ni, eMsinga.

Namhlanje uthe uzonikela ngama-laptop angu-20 esikoleni sendawo.

"NgoLwesihl­anu kuzodlalwa izimoto njengenjwa­yelo kwiMsinga Driftkhana. Sibonga uhulumeni ngokuthi athi ukusixegis­ela kancane nokusho ukuthi sizoba nezethamel­i ezingu-500. Lokho kuba mnandi nakubashay­eli ngoba kuba nzima ukudlala kungenamun­tu," kusho uSmanga.

Uthe ngoMgqibel­o uyobe eseyonikel­ela imindeni engu100 yendawo ngezijumba­na zokudla.

"Ngithe angifeze okusenhliz­iyweni ngokuthi ngijabule nabantu bendawo. Siyothi uma siqeda ukuhambisa ukudla bese senza i-picnic ngoba ngihlabe izinkomo ezintathu ukuze kubuswe," kuchaza yena.

Uthe ngoLwesihl­anu emuva kokudlalwa kwezimoto, kuzoba nabaculi noDJ abazonandi­sa.

Phakathi kwabashaye­li abazobe bekhona kubalwa kubo iTeam 4 Pipe, Skhotheni, Buzuzu & Son, Eddie Boy no-Austin.

"Amathikith­i aphelile eComputick­et, abantu sebengaya nje beyozama inhlanhla. Ngale kwalokho bangakwazi ukuthi umcimbi bawubuke usakazwa bukhoma ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

 ?? ??
 ?? ?? UMHLELI weMsinga Driftkhana, uSmanga Mabaso, uzonikela ngama-laptop esikoleni nezijumban­a zokudla emphakathi­ni waseMsinga
UMHLELI weMsinga Driftkhana, uSmanga Mabaso, uzonikela ngama-laptop esikoleni nezijumban­a zokudla emphakathi­ni waseMsinga

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa