Isolezwe

Unogada ubhale incwadi ukulondolo­za amasiko

- KHULEKANI MASEKO

UGQOZI ekugqugquz­eleni nasekufund­iseni ngamasiko esiZulu, kumenze wanquma ukubhala incwadi ngenhloso yokulondol­oza ulwazi analo, unogada esikoleni samabanga aphakeme iDondotha.

UMnuz Mthandeni Sangweni (58), odume ngokuba yinduna yezinsizwa esigodini saseNxeben­i, eDondotha, eMpangeni, uthe inhloso ngokubhala incwadi esihloko sithi Udwendwe, ukuqinisek­isa ukuthi amasiko ayalondolo­zeka ukuze isizukulwa­ne esilandela­yo singagudlu­ki kuwo ngenxa yokuswela ulwazi.

“NeBhayibhe­li liyasho ukuthi isizwe nesizwe esilahla amasiko aso, naso siyolahlwa. Umyalezo wami kubantu ukuthi baqiniseki­se ukuthi abantu abaguqukel­i kokwasents­honalanga bakhohlwe amasiko, okungenani ngenxa yempucuzek­o, sebengaman­e bakushebe kodwa bengawalah­liswa yimfundo nempucuzek­o,” kusho uSangweni.

Kule ncwadi enamakhasi angu-70, uSangweni uveza ukukhulisw­a kwengane yentombaza­ne neyomfana, isiko elenziwayo ngesikhath­i zizalwa kuze kube kungenwa esigabeni sokuthomba, ukubuthwa kwensizwa nokumulisw­a kwentombi nemicimbi eyenziwa imindeni emibili ekuganisel­aneni.

Uthe ubengakaze acabange ngokubhala incwadi kodwa ugqugquzel­we wumzukulu wakhe emva kokuthi ubehleze evakashelw­a ngamalungu omphakathi ukuzokweth­ekela ulwazi ngamasiko.

USangweni usesebenze njengonoga­da wesikole iminyaka engu-12 emva kokuthi aphelelwa wumsebenzi eGoli ngo-2002, lapho ayesebenza khona.

“Emhlabeni sekuyafiwa ngakho thina esibadala kumele senze konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi kukhona okubhalwe phansi okuzofundi­sa izingane ngoba ulwazi olubhalwe phansi kaluboli. Izingane zethu kumele ziyazi imvelaphi nesiko lethu njengesizw­e,” kugcizelel­a yena.

Incwadi ishicilelw­e nyakenye ngabakwaIn­ternationa­lly Elegant Publishers, kanti uSangweni uthe angu- 45 kuphela amakhophi abasawenzi­le njengoba esebenza njengonoga­da engenayo imali eyanele, wathi kodwa unethemba lokuthi izotholaka­la ezitolo esikhathin­i esizayo.

Uthe useke wanikezwa uhlelo esiteshini somphakath­i iNorth Coast Radio lapho ebekhuluma khona isikhathi esiyihora ngezinto ezithinta amasiko phakathi kukaJulayi nyakenye noFebhuwar­i nonyaka.

Uphinde afundise abantu ekhasini lakhe kwiFaceboo­k elithi Mthandeni Sangweni Isazi samasiko.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa