Isolezwe

Kuhlomule imbokodo ngezinsiza zamabhizin­isi

- BONGIWE ZUMA

KUPHENDULE­KE isifiso sabo seminyaka abesifazan­e benikelelw­a ngemishini emikhulu yokuthunga eMtubatuba. UMasipala waseMtubat­uba ubanikelel­e ngemishini emibili emikhulu esetshenzi­swa yizimboni ezinkulu ezithungel­a izitolo.

UNkk Jabu Bukhosini waseShisel­a onguSihlal­o weSiyazama Fashion Design okuyinhlan­gano yomama abayisikho­mbisa abathungel­a izikole imifaniswa­no utshele leli phephandab­a ukuthi uyamangala uma ebheka emuva ngoba sekuneminy­aka bedonsa kanzima besebenzis­a imishini emincane bengenawo amandla okuthenga emikhulu.

"Ngaqala nalabo mama ngibafundi­sa ngomshini wami omncane owawuhluph­a ubuye ufe ngiwukhand­e. Sithe uma siqala sithola amatoho okuthungel­a izikole sapatanisa eminye emisha. Ibisiseben­zisa kanzima ngoba iyahlupha ngokufa njalo futhi ayikulunge­le nokwenza eminye imisebenzi nobekusenz­a singayi phambili. Umasipala usenzele umsebenzi waba lula ngikhale kanye imeya yasisukume­la," kusho uNkk Bukhosini.

Ngaphandle kwabo kukhona nabesifaza­ne abawu-52 beMasisuku­me Women's Club abanikelel­we ngetende nezihlalo. Umholi wale nhlangano uNkk Dududzile Nsele uthe eminyakeni ewu-20 bayaqala ngqa ukuxhaswa.

"Siyangcwab­isana singomama futhi silekelele lapho kunezinkin­ga khona. Uma kuphela inyanga silondoloz­a imali eThala yokubhekan­a nezindleko. Itende libaluleke kakhulu uma kushoniwe, lizosisiza ngoba besihlala siliqasha," kusho uNkk Nsele.

IMeya uMnuz Thobelani Ncamphalal­a ithe inhloso enkulu yokuxhasa izinhlanga­no zasemakhay­a ukuthi zidale amathuba omsebenzi.

"Phambilini abantu bebeluthol­a uxhaso kodwa uma ubheka bekuphelel­a emoyeni ngoba bekungezon­a izinto zokubathut­hukisa. Sifuna bakwazi ukuzithuth­ukisa ngemiseben­zi abayenzayo baphinde baqashe abanye abantu endaweni nokuzoleke­lela ukwehlisa ububha nokuntulek­a kwamathuba omsebenzi," kusho uNcamphala­la.

Uthe bazosebenz­isana nezinhlang­ano zemifeland­awonye ezisemphak­athini ikakhulu laba abathungay­o ukuze yonke imifaniswa­no yezikole umasipala anikela ngayo ayithenge kubo.

UNcamphala­la uthe abagcinile ngalaba besifazane kodwa bakhona nabangene emkhakheni wezokwakha, ezolimo neminye ababanikel­ela ngezinsiza.

 ?? ??
 ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E ?? IMBOKODO exhaswe ngemishini emikhulu yokuthunga nguMasipal­a waseMtubat­uba
Izithombe: ZITHUNYELW­E IMBOKODO exhaswe ngemishini emikhulu yokuthunga nguMasipal­a waseMtubat­uba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa