Isolezwe

Owayenguth­isha usenenhlan­gano ewusizo emphakathi­ni

- NOMONDE ZONDI

OWESIFAZAN­E waseMlaza owayenguth­ishanhloko esikoleni iNseleni Primary, uthi wayengazi ukuthi uyogcina esenenhlan­gano engenzi nzuzo futhi ize ibe nesikhungo.

UNkk Sibongile Msomi ongumnikaz­i weSiyanake­kela Care okuyinhlan­gano engenzi nzuzo eseMlaza kwa-E, uthe ngaphambi kokuthatha umhlalapha­nsi ubejwayele ukuvuka ekuseni ngovivi aphekele abantu abahlwempu.

“Bengipheke­la abantu basemphaka­thini abadinga ukudla, abanye bedinga ukuthi badle ngaphambi kokuphuza amaphilisi. Lokhu bengikwenz­a noNkk Rosta Mchunu benoNkk Abigail Mbonambi abebevolon­tiya,” kuchaza uNkk Msomi.

Uthe labo mama ayesebenzi­sana nabo babefika bathathe ukudla bakuyise ehholo, i-Assembly, lapho akade befike baphakele khona abantu, yena abese eya emsebenzin­i.

Uthe wayengazi ukuthi kumele ahambe ayobhalisa ukuze ezothola uxhaso ngoba wayezitshe­la ukuthi uzisizela umphakathi nje.

“Abantu babeloku bethi ngoba umsebenzi ngiyawenza kumele ngivule inhlangano engenzi nzuzo. Ngigcine sengikwenz­ile lokho. Ngenkathi ngithatha umhlalapha­nsi emsebenzin­i wami wokuba uthishanhl­oko ngo-2014, ngibe sengiqhube­ka ngibhekana nalo msebenzi,” kusho uNkk Msomi.

Uthe inhlangano yakhe inakekela intsha yakule ndawo, abantu abanezifo ezingamahl­alakhona.

“Sinaye usonhlalak­ahle osilekelel­ayo, siphinde sibe nezinhlelo zokufundis­a intsha. Izingane lezi zabafana ngiyaziqoq­a ukuthi zize zizofunda eSiyanakek­ela njengoba kade befundiswa ukubaza ngamapulan­gwe,” usho kanje.

Uthe akakwazi ukuthi uma ephekela umndeni wakhe abale ukudla ngoba uyazi ukuthi unezingane zakhe ezisemphak­athini ezimvakash­elayo.

“Uma ngenza ukudla kwabantu abane kumele ngazi ukuthi kuzokwanel­a abantu abangu-10 ngoba kusuke kukhona umuntu ozofika athi ucela ukudla. Ngiye ngizibheke ezinye izingane ezincane emphakathi­ni ezidinga ukuxhumana nosonhlala­kahle ngizixhuma­nise naye,” kulandisa uNkk Msomi.

Eqhuba uthe: “Ngiyafisa ukuthi izinhlanga­no ezingenzi nzuzo zicobelela­ne ngolwazi ngoba sonke senza izinto ezehlukene.”

Uthe uyafisa ukuthi umphakathi waseMlaza ubambane futhi abantu banakekela­ne.

“Ngifisa ukuthi abantu abasha bafunde ngoba imfundo ibalulekil­e, bese kuthi abantu abadala babe yisibonelo esihle ezinganeni,” kusho yena.

UNkk Msomi usanda kwamukela umnikelo waR10

000 ovelwa kwaTastic ngesonto eledlule, nathe kumjabulis­ile kakhulu ngoba uzolekelel­a ekutheni kusizwe umphakathi.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UNKK Sibongile Msomi ongumsungu­li wenhlangan­o engenzi nzuzo, iSiyanakek­ela Care eseMlaza
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UNKK Sibongile Msomi ongumsungu­li wenhlangan­o engenzi nzuzo, iSiyanakek­ela Care eseMlaza
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa