Abangasusi uthuthuva abahlala ngaphakathi eBuhleni
Ngibhala le ncwadi ngoba ngifuna ukukhuza abantu abahlala ngaphakathi eBuhleni ukuba mabangabi yizintatheli ezikhipha amanga.
Ngiyazi ukuthi kunombango okhona wokuthi leli bandla lifunwa ngabathile ukuba balihole kodwa ngisasho namanje ukuthi abazalwane noma amakholwa aseBuhleni ahamba nokuthi aholwe wuNyazilwezulu kunokuholwa ngomunye.
Le ncwadi ngiyibhaliswa wumbiko othi Bashaya amakhala ngokwenziwa uNyazi. Uyabona laba abashaya amakhala yilaba abacabanga ukuthi eBuhleni kusemakubo.
Ngake ngaloba kwelakho ukuthi abahlala ngaphakathi mabangacabangi ukuthi kusemakubo laphaya kepha kusemzini noma yikubo koNyazi.
Manje ngubani-ke ongakhishwa kubo noma ongashayelwa umthetho kubo.
Mina lokhu abakushoyo ngiyakweshwama ngoba zolo lokhu bengiyile eBuhleni ngafika kunikelwa phambi koNyazi.
Engakubona wukuthi uNyazi luhlonipha umthetho wezwe wobhubhane ngoba umuntu akasondeli kulona kepha ukhuluma ekude.
Akungadlalwa ngoNyazi njengoba lusasiphethe kahle thina esingahlali ngaphakathi eBuhleni , inkinga yilaba abahlala ngaphakathi abasusa uthuthuva ngamanga.
Konke lokhu okushiwo ngoNyazi kungamampunge nje.
Bengifisa ukuba laba bantu abahlala ngaphakathi eBuhleni basiphathele kahle uNyazi bayeke ukuputshukisa izindaba ezingekho nezisidinayo.
Namanje ngisasho ngithi laba bantu abahlala ngaphakathi abangacabangi ukuthi yisemakubo laphaya, uma befuna ukwenza izinto zabo ezizobanelisa abaye kozenza emizini yokhokho babo hhayi eBuhleni. Thina silandela uNyazi ngenxa yemisebenzi eliyenzele imizi yokhokho bethu.
Khabzela KB MZIMELA