Isolezwe

Abangasusi uthuthuva abahlala ngaphakath­i eBuhleni

-

Ngibhala le ncwadi ngoba ngifuna ukukhuza abantu abahlala ngaphakath­i eBuhleni ukuba mabangabi yizintathe­li ezikhipha amanga.

Ngiyazi ukuthi kunombango okhona wokuthi leli bandla lifunwa ngabathile ukuba balihole kodwa ngisasho namanje ukuthi abazalwane noma amakholwa aseBuhleni ahamba nokuthi aholwe wuNyazilwe­zulu kunokuholw­a ngomunye.

Le ncwadi ngiyibhali­swa wumbiko othi Bashaya amakhala ngokwenziw­a uNyazi. Uyabona laba abashaya amakhala yilaba abacabanga ukuthi eBuhleni kusemakubo.

Ngake ngaloba kwelakho ukuthi abahlala ngaphakath­i mabangacab­angi ukuthi kusemakubo laphaya kepha kusemzini noma yikubo koNyazi.

Manje ngubani-ke ongakhishw­a kubo noma ongashayel­wa umthetho kubo.

Mina lokhu abakushoyo ngiyakwesh­wama ngoba zolo lokhu bengiyile eBuhleni ngafika kunikelwa phambi koNyazi.

Engakubona wukuthi uNyazi luhlonipha umthetho wezwe wobhubhane ngoba umuntu akasondeli kulona kepha ukhuluma ekude.

Akungadlal­wa ngoNyazi njengoba lusasiphet­he kahle thina esingahlal­i ngaphakath­i eBuhleni , inkinga yilaba abahlala ngaphakath­i abasusa uthuthuva ngamanga.

Konke lokhu okushiwo ngoNyazi kungamampu­nge nje.

Bengifisa ukuba laba bantu abahlala ngaphakath­i eBuhleni basiphathe­le kahle uNyazi bayeke ukuputshuk­isa izindaba ezingekho nezisidina­yo.

Namanje ngisasho ngithi laba bantu abahlala ngaphakath­i abangacaba­ngi ukuthi yisemakubo laphaya, uma befuna ukwenza izinto zabo ezizobanel­isa abaye kozenza emizini yokhokho babo hhayi eBuhleni. Thina silandela uNyazi ngenxa yemisebenz­i eliyenzele imizi yokhokho bethu.

Khabzela KB MZIMELA

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa