Isolezwe

Qaphela ingozi yokuphawul­a budedengu ezinkundle­ni zokuxhuman­a

-

SEKUKANING­I selulekwa ngobungozi bokuba budedengu ezinkundle­ni zokuxhuman­a, abanye okugcina kubafaka enkingeni. Kunabantu abaxoshwa nasemisebe­nzini ngokuphawu­la budedengu ezinkundle­ni iFacebook neTwitter.

Ongoti kwezomthet­ho wokusebenz­a kwezinkund­la zokuxhuman­a bathi akukhona ukuphawula okuthize ngenkampan­i noma ngomqashi wakho okungakufa­ka enkingeni kepha ngokuphawu­la noma yingayiphi indlela ewubudeden­gu kungakubek­a engozini yokuthi ukhonjwe ofike ngayo emsebenzin­i.

Labo ngoti baze bakugcizel­ele nokuthi ukubhala ngesikhath­i okungesona esomsebenz­i akukuvikel­i, nakho kungakufak­a enkingeni uma inkampani noma umphathi eveza ukuthi kudicilela phansi isithunzi senkampani.

Kungakho usikhathaz­a umkhuba osuthanda ukwanda enkundleni iFacebook emakhasini athize lapho amalungu amakhasi ehlohlana ’ngokuyohla­sela’ umuntu othize ekhasini lakhe.

Size saba nombiko ngoLwesith­athu ngowesifaz­ane othi useze wavula icala ngenxa yokusatshi­swa ngokutheng­elwa izinkabi ngamalungu ekhasi elithize kwiFaceboo­k ngoba ecabanga ukuthi nguyena owesifazan­e obe sematheni ohlelweni lwethelevi­shini uMnakwethu.

Lo wesifazane njengoba esevule icala, uma bengatholw­a benecala abaphawule budedengu ngale ndlela, bangabheka­na namacala abucayi. Uma beqashiwe bangaba senkingeni nasemisebe­nzini abakuyo ngoba ingabaphel­ela noma baqondiswe ubugwegwe.

Esikunxusa­yo bafundi wukuthi sikhumbule ukuthi esikubhala kulezi zinkundla kungakha kuphinde kubhidlize ngakho kumele siqikelele ukuthi siphawula ngendlela engenamphu­mela omubi komunye nakuwe.

Izinkundla zokuxhuman­a ngezinye zezinto eziqinisa ilungelo loMthethos­isekelo lokuphawul­a ngokukhulu­leka ngombono wakho kepha lokhu makwenziwe ngendlela enobuqotho nenhloniph­o hhayi ubudedengu nobudlabha.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa