Isolezwe

Sesibanjwe wuSathane kulolu gibe lwe-ANC

-

MHLELI: Kunezinto ezike zikuvulise umlomo noma uthi awuthandi ukukhuluma. Uma uKhongolos­e eyiqembu labantu, bakubiza ngani lokhu okusesitho­mbeni? Kungani bangamakhe­li indlu lo gogo omdala kangaka?

Babona isikibha seqembu labo kuyisona esingamenz­a aphile impilo ejabulisay­o nehloniphe­kile?

Zonke izinto ezenzeka kuleli lizwe ziwumthele­la wendlela uKhongolos­e nombutho wabesifaza­ne wawo obusa ngakhona.

Leli qembu lidunga ingqondo yabantu abasha baseNingiz­imu Afrika ngokubakho­mbisa inkululeko ngisho noNkulunku­lu angazange wayethembi­sa abantwana base-Israel.

Bathumela umyalezo ongcolile ezinhliziy­weni zabantu abasha bakuleli.

Yisono se-ANC sonke lesi salezi zingane ezigcwele emgwaqweni ezidla izidakamiz­wa.

Sikhathele futhi siyafisa ukuphunyuk­a kulolu gibe lwe-ANC kodwa sesibanjwe wukuthi uSathane unamandla.

Thandanani Manqele

 ?? ?? ISITHOMBE esenze umfundi weSolezwe wakhala ngakubona kwenziwa wuKhongolo­se
ISITHOMBE esenze umfundi weSolezwe wakhala ngakubona kwenziwa wuKhongolo­se

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa