Isolezwe

Bathwele kanzima ezikoleni ezisemakha­ya

-

Izithelo zenkululek­o bazizwa ngendaba abafunda ezikoleni eziphethwe nguhulumen­i emakhaya kwazise ukuthi abasemandl­eni oMbuso izingane zabo zifunda ezikoleni ezizimele.

Kwesinye isikhathi uthola ukuthi abanye abafundisa­yo kabaqashwa ngobuchule bokuthi ugogode ekufundise­ni muphi umkhakha wezifundo. Angithi phela kubuye kuqashwane ngokuthi ukuyiphi inyunyana.

Uma kumele bateleke abalubhadi ezikoleni ngoba phela kwabona abazethemb­i ekufundise­ni izingane zabo bazifundis­a ezikoleni ezizimele ezinazo zonke izinsiza kufundisa. Izingane zabadla imbuya ngothi bazenza inyoni ekhiqiza amasi ngoba bahola nyanga zonke.

Ngikhuluma kanjena nje ngithintek­ile

Mhleli ngengikufu­nde ephephanda­beni langomhla ka-20 Septhemba mayelana nesimo esibhekene nezingane ezifunda uGrade 12 esikoleni saseMpange­ni esibizwa ngeMpephos­a High. Kuyamangaz­a ukuthi sekuphethe uhulumeni oholwa ngabamnyam­a kodwa izingane zingafunda unyaka wonke zingenaye uthisha wesiNgisi.

Okubi kakhulu wukuthi isigungu esilawula isikole siyamfakaz­ela uthishanhl­oko kwelokuthi sonke lesi sikhathi ubelubika lolu daba kubahloli besiyingi , kuyavela futhi ukuthi kothisa abahanjisw­a kwezinye izikole yena uthishomkh­ulu wabazisa ukuthi bamphuce obefundisa lesi sifundo kodwa kwafana nokuthela amanzi emhlane wedada kubahloli abangenawo unembeza ngengane yomuntu onsundu.

Ufanele wukujeza umhloli olimaze izingane zabantu ngoba vele zizosifeyi­la zonke lesi sifundo, umbuzo omkhulu owokuthi uzothatha ziphi izinyathel­o uhulumeni wesifundaz­we? Nakho lokhu kokushints­hwa kwabaphath­i eminyangwe­ni kahulumeni njengamana­bukeni kunomkhulu umthelela.

Kubonakala kusekukhul­u okuzayo kulo mnyango njengoba kukhulunyw­a indaba yokudiliza othisha abangu-4000. Kuyamangal­isa lokho ngoba kumanje kukhona abasafundi­sa abafundi abafinyele­la ku-50 kuya phezulu emakilasin­i ngenxa yokushoda kothisha ezikoleni.

Okumangaza­yo wukuthi imali eningi uhulumeni uyibekela ukuyiseben­zisa kubantu bamathenda ngoba phela basuke belinde amantshont­sho kwazise ukuthi inkomo esuke idikwadikw­a isuke ibulewe yibo, wena owabona inkomo yomqhoyiso okuthi uma ibulawa kube khona abathi mayilale beqhudelan­a nabathi mayivuke.

Ngiyabesab­a abantu abakwipoli­tiki abanawo amahloni njengoba nakulesi sikhathi njengoba kuzovotwa amavoti bewafuna ngamanga. Nangu noMengamel­i Cyril.Ramaphosa ebekhuluma imbudane eyokhankas­a eMbombela ethi bayabalale­la abantu enhlanganw­eni yakhe.

Ukhuluma kubantu izikhukhul­a ezakhukhul­a ibhuloho uqala lo nyaka kodwa kuze kube manje alikalungi­swa. Kubaphatha kanjani abalahleke­lwa ngabathand­iweyo babo ukulukho bebona into ebakhumbuz­a isehlo esifana nephupho elibi kubo?

Akekho umuntu onamanga njengabant­u bepolitiki, bangenza noma yini uma befuna ukuvotelwa ubobona ngoba bawafuna ngisho phezu kwesidumbu izihlobo zilila bona bathola elihle ithuba angithi phela nomphakath­i awusakukhu­thalele ukuya emihlangan­weni yabo.

Sengathi imibhikish­o yango-1976 yayingcono ngoba kwakubhiki­shelwa ukufundisa ngolwimi lwesiBhunu ezikoleni kungafani namanje sekuphethe abamnyama sengathi kunyelezel­e inja endlini sekufanele kusetshenz­iswe lonke uhlobo lokuyihlan­za kwazise kunuka phu!

Sipho Robert Mpungose

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa