Bathwele kanzima ezikoleni ezisemakhaya
Izithelo zenkululeko bazizwa ngendaba abafunda ezikoleni eziphethwe nguhulumeni emakhaya kwazise ukuthi abasemandleni oMbuso izingane zabo zifunda ezikoleni ezizimele.
Kwesinye isikhathi uthola ukuthi abanye abafundisayo kabaqashwa ngobuchule bokuthi ugogode ekufundiseni muphi umkhakha wezifundo. Angithi phela kubuye kuqashwane ngokuthi ukuyiphi inyunyana.
Uma kumele bateleke abalubhadi ezikoleni ngoba phela kwabona abazethembi ekufundiseni izingane zabo bazifundisa ezikoleni ezizimele ezinazo zonke izinsiza kufundisa. Izingane zabadla imbuya ngothi bazenza inyoni ekhiqiza amasi ngoba bahola nyanga zonke.
Ngikhuluma kanjena nje ngithintekile
Mhleli ngengikufunde ephephandabeni langomhla ka-20 Septhemba mayelana nesimo esibhekene nezingane ezifunda uGrade 12 esikoleni saseMpangeni esibizwa ngeMpephosa High. Kuyamangaza ukuthi sekuphethe uhulumeni oholwa ngabamnyama kodwa izingane zingafunda unyaka wonke zingenaye uthisha wesiNgisi.
Okubi kakhulu wukuthi isigungu esilawula isikole siyamfakazela uthishanhloko kwelokuthi sonke lesi sikhathi ubelubika lolu daba kubahloli besiyingi , kuyavela futhi ukuthi kothisa abahanjiswa kwezinye izikole yena uthishomkhulu wabazisa ukuthi bamphuce obefundisa lesi sifundo kodwa kwafana nokuthela amanzi emhlane wedada kubahloli abangenawo unembeza ngengane yomuntu onsundu.
Ufanele wukujeza umhloli olimaze izingane zabantu ngoba vele zizosifeyila zonke lesi sifundo, umbuzo omkhulu owokuthi uzothatha ziphi izinyathelo uhulumeni wesifundazwe? Nakho lokhu kokushintshwa kwabaphathi eminyangweni kahulumeni njengamanabukeni kunomkhulu umthelela.
Kubonakala kusekukhulu okuzayo kulo mnyango njengoba kukhulunywa indaba yokudiliza othisha abangu-4000. Kuyamangalisa lokho ngoba kumanje kukhona abasafundisa abafundi abafinyelela ku-50 kuya phezulu emakilasini ngenxa yokushoda kothisha ezikoleni.
Okumangazayo wukuthi imali eningi uhulumeni uyibekela ukuyisebenzisa kubantu bamathenda ngoba phela basuke belinde amantshontsho kwazise ukuthi inkomo esuke idikwadikwa isuke ibulewe yibo, wena owabona inkomo yomqhoyiso okuthi uma ibulawa kube khona abathi mayilale beqhudelana nabathi mayivuke.
Ngiyabesaba abantu abakwipolitiki abanawo amahloni njengoba nakulesi sikhathi njengoba kuzovotwa amavoti bewafuna ngamanga. Nangu noMengameli Cyril.Ramaphosa ebekhuluma imbudane eyokhankasa eMbombela ethi bayabalalela abantu enhlanganweni yakhe.
Ukhuluma kubantu izikhukhula ezakhukhula ibhuloho uqala lo nyaka kodwa kuze kube manje alikalungiswa. Kubaphatha kanjani abalahlekelwa ngabathandiweyo babo ukulukho bebona into ebakhumbuza isehlo esifana nephupho elibi kubo?
Akekho umuntu onamanga njengabantu bepolitiki, bangenza noma yini uma befuna ukuvotelwa ubobona ngoba bawafuna ngisho phezu kwesidumbu izihlobo zilila bona bathola elihle ithuba angithi phela nomphakathi awusakukhuthalele ukuya emihlanganweni yabo.
Sengathi imibhikisho yango-1976 yayingcono ngoba kwakubhikishelwa ukufundisa ngolwimi lwesiBhunu ezikoleni kungafani namanje sekuphethe abamnyama sengathi kunyelezele inja endlini sekufanele kusetshenziswe lonke uhlobo lokuyihlanza kwazise kunuka phu!
Sipho Robert Mpungose