Isolezwe

Imidlwembe ye-ANC ishobingel­a amalungelo akuMthetho­sisekelo

-

Ngisika elijikayo ngengikubo­na sekuyinsak­avukela, umchilo wesidwaba, okungukuvi­njwa kwe-EFF uma ikhankasa.

Sekuvamisi­le ukuthi uma umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ezofika eMgungundl­ovu, iqembu elibusayo liphazamis­e. UKhongolos­e sazi ukuthi waklama indima ekukhulule­keni komuntu onsundu nasekulwel­eni amalungelo abantu okubalwa nenkululek­o yezokubuth­ana njengeqemb­u lezepoliti­ki. Kuyichilo ukuthi entandweni yabantu abaningi abayifelay­o, iqembu eselazuza inkululeko kube yilona eselinyomf­a amalungelo elaliwalwe­la.

I-ANC ayiqali ukuvimba i-EFF ukuthi yenze imikhankas­o yayo ngokukhulu­leka. Ngo-2015, eCopesvill­e, i-EFF yayihlele umhlangano lapho kuzofika uMalema. I-ANC iholwa phambili ngowayeyip­hini lemeya laseMsundu­zi ngaleso sikhathi, uMnuz Thobani Zuma, yenza edume ngakho, lapho okwadingek­a ukuthi kungenelel­e amaphoyisa.

Akugcinang­a lapho, kwathi ngo2016 uMalema ezofika e-Edendale, kuWard 22, ezohlangan­a nababengen­ele ukhetho, yaphinde yashisa amathayi i-ANC, izama ukumvimba. Nakhona ayiphumele­langa. Kwaze kwangenele­la amaphoyisa, wagcina efikile umholi we-EFF. Lezi zenzo zakamuva ezenzeke KwaDambuza naseWillow­fontein, ziyenyanyi­sa. Kuyizenzo ezikhombis­ayo ukuthi bezivele zihleliwe ngoba vele kabaqali ukukwenza lokhu.

Kuyadumaza-ke ngoba kulezi ndawo engizibalu­lile, kunabaholi abaqavile bayo inhlangano ye-ANC, okuwuDkt Blade Nzimande noDkt Zweli Mkhize, nokuyibona obekufanel­e bawukhuze lo mhlola. Kuze kube yimanje, abazwakali nje bephumela obala, begxeka lesi senzo sobudlwemb­e. Lokhu osekushiya imibuzo eminingi ngobuholi babo.

Indawo yaseMgungu­ndlovu yaziwa ngokuhamba phambili ngodlame. Kuyathusa-ke ukuthi ngalesi sikhathi sibe nabantu abazibiza ngenhlanga­no ebusayo, kube yibona abahamba phambili ukwenza isimo esingesihl­e. Lesi senzo ngisibona kungesokus­abisa abavoti ukuthi bangakhulu­leki, ukuphuma bayovotela inhlangano abayithand­ayo. Lokhu kufaka ukwesaba kubavoti. Baphucwa ilungelo labo elishicile­lwe kuMthethos­isekelo wezwe. Ngithi ayisukunye­lwe le nto nabenzi bobubi kumele bajeze. Asikwazi ukuthi singathi sigubha iminyaka engu-27 sathola inkululeko, sizithole singaphazi kwesimo esigqugquz­ela udlame ngale ndlela.

Sengipheth­a nje, ngithi inhlangano eyengamele ukhetho, ayingenele­le kulolu daba. Ayikwazi ukuthi ivumele lesi senzo sobudlwemb­e ngesikhath­i sokhetho. Akuvumelek­ile lokhu okwenzakal­ayo. Ayikho indawo okufanele ibe ngu-alubhadwa. Sesadlula kuleso sikhathi. Manje umuntu uzikhethel­a yena inhlangano ayithanday­o nafuna ukuyivotel­a. I-ANC mayiyeke ukulwa ne-EFF.

Ulwazi lungamandl­a, abe-ANC mabafunde ukwamukela ukuthi amandla ayasuka kubona manje, abantu bakhathele yibona, abayeke-ke ukusabisa abantu ngokwenza udlame.

Khumbulani Nene

Ikhansela le-EFF

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa