Ayikho evume ukugoba uphondo komkhaya baseKZN
ILAMONTVILLE Golden Arrows nomakhelwane, AmaZulu FC, baqhuthane baze babukana ngesikhathi becazelana ngamaphuzu emdlalweni weDStv Premiership izolo (ngoLwesithathu) ntambama, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.
Njengoba bebethembisile zinhlangothi zombili, asibangakhona isikhathi sokufundana kulo mdlalo njengoba kube AmaZulu akhombisa kuqala izimpawu zokuba namandla.
Iminyakazo eminingi emizuzwini yokuqala eyishumi bekuyizivakashi ezifika kulandelana ezintini zikaSifiso Mlungwana.
I-Arrows, ebiphikiswa umoya esiwombeni sokuqala, ibizama ukulihlanganisa ikakhulukazi maphakathi nenkundla kugqame uNqubeko Dlamini olokhu ekhule njalo kule ndawo ayidlalayo kusukela kuqale isizini.
USiyabonga Khumalo, obedlala okokuqala kwi-Arrows, uqale wakhombisa izimpawu zokusaba kwazise ubegadwe ukaputeni woSuthu, uMakhehlene Makhaula.
Ngomzuzu ka-10, uLuvuyo Memela uthole ithuba ngekhanda kodwa waliqondisa kuMlungwana kade egotshelwe ngesinono uKgotso Moleko ongabuyanga esiwombeni sesibili.
Ngemuva kokuphaselana kamnandi kwabadlali baMaZulu, uBonginkosi Ntuli uthole ithuba elihle ngomzuzu ka-22 kodwa walivimba uMlungwana.
Ikhona elidalwe yilelo thuba likaNtuli, livezele Usuthu igoli ngonyawo lukaXola Mlambo ngomzuzu ka-24.
Kuyivusile lokhu i-Arrows yaze yathola iphenathi kulandela ukuthi uTsepo Masilela ebambe ibhola ngesandla esebhokisini.
Le phenathi ithathwe uKnox Mutizwa wayibeka enethini ngomzuzu ka-30.
Ngemuva kwaleli goli, i-Arrows iyona ebisidlalisa okweqembu lasekhaya kwaze kwaba kuvela iphenathi yesibili.
Nayo leyo ithathwe uMutizwa kodwa wayiqhatha nepali yabuyela enkundleni ngemizuzu yokugcina yesiwombe sokuqala.
NaMaZulu alitholile elawo ithuba lokuqeda isiwombe luhamba phambili ngesibhudubhudu esiphethe ngokuthi ibhola liphumele ngaphandle kuzama uMemela.
Kube sengathi kubuye i-Arrows ehlukile esiwombeni sesibili kwazise bese kuyiyona ephethe ibhola futhi efika kulandelana kuVeli Mothwa waMaZulu.
Kwenziwe izinguquko eziningi zinhlangothi zombili wajika lo mdlalo ngomzuzu ka-77, lapho uMatome Mathiane, obesanda kungena, ebeka i-Arrows ebuhleni ngegoli elihle lekhanda.
Ayilitholanga nokho ithuba lokujabulela lelo goli i-Arrows kwazise AmaZulu athole iphenathi wayishaya phakathi uNtuli.
Kubukeke sengathi womabili la maqembu ayakwamukela ukucazelana ngamaphuzu okufakazelwa ukuthi ayikho iminyakazo eyingozi ebekhona ngasekugcineni (ngaphandle kwembalwa ye-Arrows), egcine iphelele emoyeni.
AmaZulu asenamaphuzu amathathu kwiligi njengoba engakawini emidlalweni emine kanti i-Arrows isinamahlanu esibalweni esilinganayo semidlalo.
Imiphumela yakuleli sonto yemidlalo yeGladAfrica Championship: Free State Stard 2-1 TS Sporting; Polokwane City 4-0 Richars Bay; Pretoria Callies 1-2 JDR; Venda Football Academy 0-0 Jomo Cosmos; University of Pretoria 3-2 Cape Town All Stars; Uthongathi 0-1 Platinum City Rovers; Cape Town Spurs
1-1 Hungry Lions; TTM 1-1 Black Leopards