Isolezwe

Inqobe sekuvalwe amehlo iMaritzbur­g

- ZAKHELE XABA

KUYILUNGEL­E seliyoshon­a iMaritzbur­g United, ngenkathi iqoqa amaphuzu amathathu kwiMarumo Gallants ngoLwesith­athu ebusuku, emdlalweni weDStv Premiershi­p eHarry Gwala Stadium

Igoli leMaritzbu­rg lishaywe nguAmadou Soukouna esiwombeni sesibili. IMaritzbur­g ingene enkundleni idinga ukuthi iqhubeke nomgqigqo wayo emva kokuwina umdlalo wokuqala wesizini ngempelaso­nto edlule, lapho yehlule iBaroka koweligi.

Ngaphambi kwalokho ibithole isibhaxu emidlalwen­i emibili yokuqala yesizini. Emuva kokwehlule­ka ukwakha amathuba acacile emdlalweni nokusindis­wa ngunozinti, iTeam of

Choice igcine iwathole wonke amaphuzu.

Ukwehlulwa kweGallant­s kusho ukuthi isazohlala emsileni ngoba ayikaze iwine nowokubika umdlalo, kule sizini. Enkundleni, iGallants isheshe yazinza kwaba sengathi iyona edlalela ekhaya, igcina ibhola ithungatha nezintuba zokungena. Nokho abafana beTeam of Choice baphumelel­e ukuvala wonke amazibuko. Imizamo yeMaritzbu­rg ibingayith­wesi ubunzima iGallants, kwazise akukho okutheni obekufika kunozinti uWashingto­n Arubi.

Ithuba elicacile lokushaya igoli leGallants liwele uCelimpilo Ngema ngomzuzu ka-36 kodwa walivimba ngonyawo unozinti weMaritzbu­rg, uMarcel Engelhardt.

Esiwombeni sesibili, iGallants iqhubekile nokugcina ibhola, ifuna izikhala odongeni lwasemuva lweMaritzb­urg kodwa yehluleka ukuligqobh­oza. Ngomzuzu ka-58, u-Engelhardt uphinde wayitakula iTeam of Choice evimba ngezinyawo ibhola likaKatleg­o Otladisa esebhekene naye. Nakuba iTeam of

Choice yenze izinguquko kodwa akukho okungako okushintsh­ile ngokwezing­a lokudlala enkundleni.

Iphunyuke emlonyeni wengwenya ngomzuzu ka-78 ngesikhath­i uSede Dion ephuca u-Alfred Ndengane ibhola kodwa walishaya laphuma eceleni kwepali. Ngesikhath­i esengeziwe, uSoukouna, uphenduke ngaphandle kwebhokisi, washaya ingcwenga yebhola labhajwa ezintanjen­i.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa