Isolezwe

Inamandla futhi iduma kamnandi iRS Q3

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMA ngicabanga ukuthi eminyakeni embalwa ezayo i-Audi izogxila ekwakheni izimoto ezihamba ngogesi njengoba nezinye izinkampan­i zisho, inhliziyo yami ivele ishone phansi.

Le nkampani inenjini esinqobe inqwaba yemiklomel­o ye-Internatio­nal Engine of the Year Award eyi-2.5 litre TFSI five cylinder.

Uyithola kwiRS 3, TT RS nakwiRS Q3 ikhona. Ngaphandle kwamandla ayo, enye into emnandi ngayo ukuduma kwayo okungathi ungalokhu ukuzwe njalo.

Njengoba iRS Q3 inama-drive mode ahlukene okuyi-comfort, auto, dynamic, efficiency ne-individual, iduma kakhulu uma uyifake ku-dynamic. Kwi-individual yilapho uzisethela khona wena ukuthi ufuna ihambe kanjani bese uyakugcina lokho. Uma ufuna ukushintsh­a ngokushesh­a iye lapho uyisethe khona, ucindezela inkinobho esesiterin­gini nokungenye yezinto engizithan­dayo.

Wonke la ma-drive mode ashintsha indlela isiteringi esiyiyo, i-suspension, yinjini no-gearbox.

Ifuqa amandla angu-294kW ne-torque engu480Nm futhi isebenzisa u-gearbox oyi-7 speed ozishintsh­ayo.

Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-4.5 futhi ijubane elikhulu limiswe ku-250km/h kodwa uyakwazi ukwengeza imali bakunyusel­e libe ku-280km/h njengakule esihamba ngayo.

Njengoba idonsa ngawo wonke amasondo nje, emgwaqweni iyabambele­la, ishaye intaba yaseTugela Ferry eMsinga kwangaba ndaba zalutho.

Engikuthan­da kakhulu yisitering­i esigcwala isandla esiyindwan­gu okuthi noma ujuluka izandla singakuphu­nyuki.

Kuphethrol­i ibidla amalitha angu-12 ebangeni elingu-100km kodwa kwa-Audi bathi iyakwazi ukudla angu-9.1 ngo-100km.

I-RS Q3 ifika nezinto ezingaphez­u kwezijwaye­lekile kwiQ3 ngaphandle kokwengeza imali. Phakathi kwazo amaMatrix LED headlight, amarimu angu-21 inch, sports seats, Audi virtual cockpit plus neMMI navigation plus. Iyasho uma uphuma emzileni, inezipikha zeBang and

Olufsen, ebengingaz­isebenzisi isikhathi esiningi ngoba ngifuna ukuzwa izinqawe, ikhamera ngaphandle nokunye.

Esihamba ngayo yengezwe ngeadaptiv­e cruise control, i-panoramic sunroof, i-black styling package eyenza ibe mnyama kwi-grille, ezibukweni nasegameni layo nokunye.

I-RS Q3 yimoto ongayisebe­nzisa njengeyomn­deni njengoba abagibeli behlala kahle nesikhala ebhuthini singu-530l. Kunezimbob­o zokushaja ezimbili ngeselula. Uyakujabul­ela futhi nokuhamba ngayo emigwaqwen­i ethule. Intengo:

Audi RS Q3 TFSI quattro R1 094 000. Ifika ne-Audi Freeway Plan yeminyaka emihlanu.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa