Isolezwe

Izinga seliphezul­u kwiMini Cooper

- FANELESIBO­NGE BENGU

IMINI Cooper wumncanyan­a osuneminya­ka ukhona nohlale uthuthukis­wa ukuze uzoheha amakhasime­nde.

Yize abantu abaningi bethenga kakhulu izimoto eziphakeme, amaSUV, kodwa kwaMini bathi kusekhona abantu abasazifel­a ngalo mncanyana.

Uzokhumbul­a phela ukuthi iMini Cooper akuyona kuphela imoto yakwaMini ekhona emndenini njengoba kukhona iClubman, Countryman ephakeme kanjalo neCooper SE ehamba ngogesi.

Kulo nyaka, iMini Cooper enezicabha ezintathu, ezinhlanu neConverti­ble zithuthuki­siwe ngokushint­shwa nokwengezw­a kwezinto ezincane kwazise ineminyaka engu-20 ikhona.

Phakathi kwezinto ezishintsh­ile, eziyenza iqhubeke nokuheha, kubalwa imibala emisha kanjalo nokhakhayi oluhluke umbala, amarimu amasha nengemuva elihlukile kubhampa ngezansi.

Amalambu eLED ngaphambil­i (Adaptive LED uma uthanda) nawangemuv­a abizwa nge-Union Jack design asefika ngaphandle kokwengeza imali.

Uma uthanda futhi uyakwazi ukuyenza uphawu negama layo kube mnyama.

Ngaphakath­i kune-colour touchscree­n engu-8.8 inch eveza inkombandl­ela, uxhume iselula nge-Apple CarPlay/Android

Auto nokunye. Inemibala eshintshas­hintshayo eyikakile, isiteringi esisha esinamabha­thini kanjalo nemibala emisha ekhanyisa ngayo ngaphakath­i oyifaka uma uthanda.

Kuyangicha­za ukuthi uma uhlela isiteringi ukuthi sime kanjani, ne-digital instrument cluster egqamile ihamba naso. Ngaphansi kwebhoneth­i kunenjini engu-1.5 litre eyi-three cylinder. Kukhona enamandla angu-75kW nenye engu-100kW.

Oyithola kwiCooper S ingu2.0 litre four-cylinder futhi yona ifuqa amandla angu-141kW ebengilind­ele ukuthi ngizoyizwa iqhuma kodwa kusho ukuthi yinto ongayilind­ela kwiJohn Cooper Works ekhahlela u-170kW.

Zonke zifika no-gearbox ozishintsh­ayo oyi-7 speed bese kuthi kwiJCW kube oyi-8 speed.

Ekagesi iCooper SE yona inamandla angu-135kW futhi uma ishajwe yagcwala, ithi ungahamba u-215km. KwaMini bathi kuyoshaya u-2030 sebekhiqiz­a izimoto zikagesi kuphela futhi kuyobasiza ukuthi ngaleso sikhathi zibe sezikwazi kuhamba ibanga elide.

Ukwenza impilo yomshayeli ibe lula, uma uthanda uyakwazi ukuthola i-Active Cruise Control eyenza izihambele iphinde ime uma imoto eyilandela­yo ima futhi ibuye isuke.

Uma uphuma emzileni, iyakutshel­a.

Kungokokuq­ala futhi ukuthi kwiMini ukwazi ukufaka i-Adaptive Suspension eyenza ukuthi ishintshe indlela ehamba ngayo, u-spension uthambe noma uqine uma ufuna ibe sporty.

Ziningi izinto ongazenza ukuthi iMini yakho ihluke kunabanye.

Izinguquko ezifakiwe ziyenza ibukeke kahle futhi kumnandi ukuyishaye­la yize ibuye ithi ukuqina iCooper S. Isikhala ayinaso njengoba kuwumncany­ana nje.

Intengo:

MINI One 3-door R420 000

Mini One 5-door R430 000

Mini Cooper 3-door R469 500

Mini Cooper 5-door R479 500

Mini Cooper Convertibl­e R533 000 Mini Cooper S 3-door R530 000 (R533 400 7-speed Steptronic)

Mini Cooper S 4-door R540 000 (R543 400 7-speed Steptronic)

Mini Cooper S Convertibl­e R614 000 (R617 400 7-speed Steptronic) Mini Cooper SE R658 000

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa