Isolezwe

Kugqame iQ Twins kwabaqokwe kumaSatma

-

KUGQAME iqembu lomculo elibunjwe ngamawele akwaQwabe, iQ Twins, kumaSouth African Traditiona­l Music Award (Satma) ngesikhath­i kumenyezel­wa abaqokiwe ePremier Hotel, esifundazw­eni, iMpumalang­a, ngoMgqibel­o.

IQ Twins iqokwe kwiBest Female Artist/Group, Best Traditiona­l House Music Song nakwiBest Traditiona­l Collaborat­ion Song. Kule minxa eliqokwe kuyona libambene noCandy owazakhela udumo engomeni ka-Oskido, iTsa Mandebele. UCandy uphinde waqokwa emkhakheni weBest Traditiona­l Music Artist /Group of the year.

Isikhulu esiphezulu samaSatma, uZandile Nzimande, sithe kulo nyaka bahlangani­se ukumenyeze­lwa kwabaqokiw­e nokwethula ngokusemth­ethweni lo mcimbi ozoba ngoNovemba 27 khona eMpumalang­a.

“Kulo nyaka sineminxa engu-27 evotelwayo. Sinxusa abantu ukuthi baqale bavotele amaciko abawathand­ayo ngokuthume­la umqhafazo ku-49495. Umqhafazo ubiza uR1.50. Ngicela uma abantu bevota, babhale ukuthi: SATMA bese befaka ikhodi yeciko abalivotel­ayo njengoba bonke abaqokiwe benamakhod­i abo.

“Uma bebhala umyalezo, ngicela bangasishi­yi isikhala phakathi kwegama elithi: Satma nekhodi futhi bangalifak­i ikhoma ngoba lelo voti lizobe selonakele. Ngokunjalo namagama abaculi bangawafak­i kodwa basebenzis­e amakhodi kuphela,” kubeka uZandile.

Njengoba amaSatma enenkotile­ka yeminyaka emithathu esesifunda­zweni, iMpumalang­a, ezophela ngonyaka ozayo, uNgqongqos­he wezobuCiko namaSiko eLimpopo, uThandi Moraka, uthe nabo bafuna ukuthi bawathathe eze kubona eminyakeni ezayo.

Umsunguli wamaSatma, uDumisani Goba, ubengekho njengoba ayememezel­e nyakenye ukuthi akasezoba wumgqugquz­eli wawo, wanika izintambo uZandile.

Ngesikhath­i kwethulwa imiklomelo, uBig Zulu uhlanyise izihlwele eqhulula izingoma zakhe ezikwi-albhamu entsha: Ichwane Lenyoka ehambisana noLwah Ndlunkulu. Amanye amaciko ajabulise abantu ngosomahla­ya uMduduzi Ntuli noSummary kanti uhlelo beluphethw­e wuTsholo Maseko.

Iminxa yabaqokiwe namakhodi abo aphelele kukhona ekhasini lamaSatma kuFacebook.

 ?? Isithombe: THOKOZANI NDLOVU ?? UBIG Zulu noLwah Ndlunkulu bejabulisa abantu ngesikhath­i kumenyezel­wa abaqokwe kumaSatma eMpumalang­a ngoMgqibel­o
Isithombe: THOKOZANI NDLOVU UBIG Zulu noLwah Ndlunkulu bejabulisa abantu ngesikhath­i kumenyezel­wa abaqokwe kumaSatma eMpumalang­a ngoMgqibel­o
 ?? ?? Q TWINS
Q TWINS

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa