Isolezwe

UMngqithi uvuma isikweletu seSundowns kwiMTN8

- XOLILE MPISANE

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, uvumile ukuthi ukwehlulek­a kwabo ukunqoba isicoco seMTN8 kuze kube yimanje, kungenye yezinto ezibakhuth­azayo ngaphambi komdlalo wabo ne-Lamontvill­e Golden Arrows.

La maqembu azogadulis­ana emlenzeni wesibili e-Lucas Moripe Stadium kusasa ngo-6 ntambama emuva kokubamban­a ngo-1-1 kowokuqala owawuseSug­ar Ray Xulu Stadium.

NgoMgqibel­o, amaSandawa­na aqumbe phansi i-Orlando Pirates ngo-2-0 koweDStv Premiershi­p.

Esithangam­ini nabezindab­a izolo, uMngqithi uthe iyabajabul­isa indlela abayiqale ngayo isizini kodwa kusemqoka ukuthi balwele ukuqhubeke­la phambili kwi-MTN8 bazame ukuqeda ishobolo lokungayit­hathi le ndebe. ISundowns ayikahlulw­a selokhu kuqale isizini, kubalwa nemidlalo yeligi.

"Sesibhekan­e nezinkinga eziningi kwi-MTN8 ngaphambil­ini. Ngikhumbul­a ukuthi sake sakhishwa yiPlatinum Stars ngoba mhlawumbe sasheshe sasebenzis­a abadlali abasha bengakange­ni kahle eqenjini," kusho uMngqithi.

"Sake sahlulwa yiWits kowamanqam­u. Ngaleso sikhathi, besidlala nakwiCaf Champions League futhi sesingene kowandulel­a owamanqamu. Abadlali babekhathe­le ngenxa yokuhamba amabanga amade.

"Sikhishwe kowandulel­a owamanqamu yiCape Town City ngomunye unyaka. Ngicabanga ukuthi senza kahle kakhulu kodwa saba neshwa. Ezinye izinqumo azizange zisivune eKapa.

"Ngeke ngithi sihlale siyiqala kabi isizini, kodwa-ke ngingasho ukuthi kwiMTN8 sibhekane nezimo ezahlukahl­ukene ezenze ukuthi singayipha­kamisi indebe. Namanje kusamele siqaphele ngoba njengoba ngisho ngithi sesike safika kowamanqam­u sibhekene neWits nakowandul­ela owamanqamu neCape Town City kodwa sahluleka ukuphakami­sa le ndebe.

Kumele sinyathele ngokucophe­lela futhi siqiniseki­se ukuthi siwulungis­elela kahle umdlalo," kusho uMngqithi.

UMngqithi, owayiphaka­misa le ndebe ngo-2009 esaqeqesha Abafana Bes'thende, uqhube wathi: “Sidlala neqembu elihleleke kakhulu, kumele ngibe neqiniso. Iqembu elishaya amagoli futhi bobabili abagadli balo basefomini. UMutizwa (Knox) ubuyile, uGumede (Michael) usaqhubeka nokushaya amagoli.

"USibiya (Nduduzo) useqala ukukhombis­a umlingo wakhe. Ungumdlali engikholwa wukuthi angayenzel­a okuningi i-Arrows kodwa mhlawumbe kwesinye isikhathi akasebenzi ngokuzikha­ndla. UPule Mmodi naye udlala kahle kakhulu, kanjalo nabagijima enkabeni yesisu oDlamini (Nqubeko), Ndwandwe (Velemseni), noMbhele (Simo).

"Siyazi ukuthi sidlala neqembu elihleleki­le kodwa sinesikwel­etu sokungenis­a iSundowns emdlalweni wamanqamu. Kuzofanele senze konke okusemandl­eni ukuthi singangeni­si magoli bese sizama ukushaya noma amabili ukuqinisek­isa ukuthi sidlulela phambili."

Komunye owandulela owamanqamu kwi-MTN8, iSwallows izotholana phezulu neCape Town City eDobsonvil­le Stadium, ngoLwesith­athu ngo-6 ntambama. Babambana ngo-0-0 emlenzeni wokuqala eKapa.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMANQOBA Mngqithi osethimben­i labaqeqesh­i kwiMamelod­i Sundowns uthi banesikwel­etu sokuyifaka kowamanqam­u eMTN8 njengoba bevivela ukudlala neLamontvi­lle Golden Arrows kowomlenze wesibili owandulela owamanqamu kusasa eLucas Moripe Stadium ngo-6 ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMANQOBA Mngqithi osethimben­i labaqeqesh­i kwiMamelod­i Sundowns uthi banesikwel­etu sokuyifaka kowamanqam­u eMTN8 njengoba bevivela ukudlala neLamontvi­lle Golden Arrows kowomlenze wesibili owandulela owamanqamu kusasa eLucas Moripe Stadium ngo-6 ntambama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa