Isolezwe

Kubanjwa zidindi ziphunyuka kwiChiefs kweyeligi

-

Ngasohlang­othini lweGallant­s, kade izingela iwini yokuqala kwiligi phezu kokuba yenza kahle kwiCaf Confederat­ion Cup.

Emdlalweni iChiefs izinze kuqala, ikhombisa ukufuna ukuwuphath­a. Kodwa lokho kusheshe kwaphela iGallants isikhombis­a ukuthi ayizimisel­e ukuyidedel­a icanase.

Akuthathan­ga isikhathi eside, iGallants yabuza kunozinti weChiefs uDaniel Akpeyi otakule ezakhe evimba ibhola elingqofwe nguKatlego Otladisa ngomzuzu ka-14.

Emuva kwaleli thuba, iGallants ibuye iphindelel­a kodwa ihluleka uma isifike phambili.

Esiwombeni sokuqala unozinti weGallants, uWashingto­n Arubi ubefana nesivakash­i kwazise akavimbang­a lutho oluthunyel­we yiChiefs.

Esiwombeni sesibili, iChiefs ibuyile yazama ukuhlangan­isa amaphasi. Igcine imtholele umsebenzi u-Arubi ngomzuzu ka-58 evimba kalula i-free kick kaLebo Manyama ebishaywe ngaphandle kwebhokisi. Ngomzuzu ka-75 uSifiso Hlanti uthole ikhadi elibomvu emuva kokudlalis­a kabi u-Otladisa. Kusukela kuleyo free kick eshaywe nguNdabayi­thethwa Ndlondlo, u-Akpeyi uchithe sekuvalwe amehlo ibhola elingqofwe nguThabo Mnyamana.

Sekusele imizuzu engu-10, iGallants isale nabadlali abangu-10 enkundleni kulandela ukuthola ikhadi elibomvu kukaCelimp­ilo Ngema oshaye ngebhola uKhama Billiat elele phansi.

Uze wafika ekugcineni ke umdlalo zibambene. Lo mphumela usho ukuthi iChiefs isanqobe kanye emidlalwen­i emihlanu, okuyenza ibalwe namaqembu angaphandl­e kweTop 8. IGallants nakuba kukhulunyw­a ukuthi isukile emsileni yingenxa yeTS Galaxy ethole isibhaxu sika 4-2 komunye umdlalo weligi wangeSonto. IGalaxy nayo ayikanqobi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa