Isolezwe

Kudideke ibandla umfundisi edlala indawo kagobela

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMSAKAZI weNanda FM Indlovukaz­i Mapule uthi uthwale kanzima echazela abazalwane basebandle­ni lakhe ngokubonak­ala kwakhe egqoke amabhayi ezangoma.

UMapule ungumfundi­si ebandleni iVictory Ministries Internatio­nal.

Muva nje, ujoyine umdlalo wakwi-e.tv Imbewu lapho edlala khona indawo kagobela othwasisa uKaMadonse­la (Brenda Mhlongo).

“Kusuke umsindo kubazalwan­e kuthiwa ‘umfundisi useze waluvuma ubizo lwakhe usebuyekil­e yini ubufundisi?’ Abanye ababoni nokuthi kuyalingis­wa okusho ukuthi luseluncan­e ulwazi,” kusho uMapule.

Uthe ukukhuluma ngendawo yakhe kuyamjabul­isa ngoba kukhomba ukuthi uyidlala kahle.

“Abanye bebethi kusho ukuthi kudlalwa izindlu leli sonto, bethi akukwazi ukuthi umfundisi angaphinde abe yisangoma. Kuyangijab­ulisa ukunyakazi­sa abantu, kusho ukuthi kukhona okwenzekay­o.”

Udlala kulo mdlalo nje, uthe ukulingisa yinto angayifund­elanga kepha uyaqaphela indlela abalingisi abenza ngayo uma ebukela ithelevish­ini.

Uthe okunye ukufunde ngesikhath­i esebenza ehhovisi leMbongeni Ngema Academy lapho ayebuye ayolunguza khona emakilasin­i okwakuqeqe­shwa kuwona abalingisi.

“Ubuciko ngidalwe nabo, ungathi uThixo yikona angilethel­e kona emhlabeni. Angazi ukuthi ngifuze bani ngoba umama wayengumth­andazi, ubaba eyinyanga,” kusho uMapule ongumbhali wencwadi ethi Leaving the Shadows Behind.

Uthe ungene kwiMbewu ngemuva kokuxoxela omunye umngani wakhe kudala ukuthi angakuthan­da ukuba wumlingisi ngelinye ilanga.

“Nasemsakaz­weni ngangena ngoba ngithi ngifuna ukwenza okuhlukile ngidlulise umyalezo. Nakwithele­vishini ngifuna ukwenza okuhlukile. UMusa Hlatshwayo weMhayise Production­s wathi angithumel­e i-video ngiziqophe ngilingisa. Ngelinye ilanga wathi angithumel­e futhi ngabe sengithint­wa kuthiwa angize ngizoqopha ngakusasa. Umlomo uyadala ngangikhul­uma nje kwavele kwenzeka. Ngidlala nabalingis­i abaphambil­i manje. Ngiyathemb­a ukuthi asazovela namanye amathuba,” kuphetha yena.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? INDLOVUKAZ­I Mapule ilingisa emdlalweni wakwi-e.tv
idlala indawo kaGobela
Isithombe: SITHUNYELW­E INDLOVUKAZ­I Mapule ilingisa emdlalweni wakwi-e.tv idlala indawo kaGobela
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa