URami uzolingisa ephambili emdlalweni iGiyani
UMLINGISI wakuleli ongaconsi phansi kwabaningi, uRami Chuene, ungomunye wabalingisi abasha abazobonakala emdlalweni, iGiyani: Land of Blood, ezoqala ngoNovemba kwiSABC2.
Kulo mdlalo wokuqala weXitsonga, nowajatshulelwa kakhulu abakhuluma lolu limi ngesikhathi wethulwa, uRami uzolingisa indawo kaManoko Ledwaba.
Isizini yesibili kulindeleke ukuthi iqhubeke lapho kwagcina khona eyokuqala ngo-2019 njengoba yaphela kumapeketwane emphakathini waseRisinga.
Omunye wababhali balo mdlalo, uPhathu Makwarela, uthe njengeTshedza Pictures, okuyinkampani eqopha lo mdlalo, bajabule ngokuthola ithuba lokuqhubeka baqophe isizini yesibili.
“Sijabulela ukuthi sizoqhubeka nokujabulisa ababukeli abakhuluma ulimi olusetshenziswa kulo mdlalo. Okujabulisayo ukuphinde sivakashele izwe laseGiyani Land of Blood, nala siyoqhubeka nokuxoxa ngokwenzeka kulo mhlaba ngokubambisana nabalingisi nababukeli, abakhombisa ukuwuthanda kakhulu kwisizini yokuqala eyayiqukethe izinkinga, ukungezwani kwemindeni nobungozi babanye abantu abaphila emphakathini, kwenza abantu bafune ukuqhubeka babone ukuthi yini oyiphethe usuku nosuku futhi bawuthanda,” kuchaza uPhathu.
Uthe isigameko sokugcina kulo mdlalo sikaRichard Mudau abantu abasibona, lapho kwavela khona inkohlakalo ayeyenza, kule sizini uzobuya esenowesifazane omusha empilweni yakhe.
UJacqui Hlongwane, ongumphathi wezinhlelo kwaSABC2, uthe abangabazi ukuthi isizini yesibili izokwenza kahle njengeyokuqala.
Uthe bajabule ngokubuya kwabalingisi abadala, nabasha futhi bayathemba bazokwenza umsebenzi omuhle.