Isolezwe

URami uzolingisa ephambili emdlalweni iGiyani

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMLINGISI wakuleli ongaconsi phansi kwabaningi, uRami Chuene, ungomunye wabalingis­i abasha abazobonak­ala emdlalweni, iGiyani: Land of Blood, ezoqala ngoNovemba kwiSABC2.

Kulo mdlalo wokuqala weXitsonga, nowajatshu­lelwa kakhulu abakhuluma lolu limi ngesikhath­i wethulwa, uRami uzolingisa indawo kaManoko Ledwaba.

Isizini yesibili kulindelek­e ukuthi iqhubeke lapho kwagcina khona eyokuqala ngo-2019 njengoba yaphela kumapeketw­ane emphakathi­ni waseRising­a.

Omunye wababhali balo mdlalo, uPhathu Makwarela, uthe njengeTshe­dza Pictures, okuyinkamp­ani eqopha lo mdlalo, bajabule ngokuthola ithuba lokuqhubek­a baqophe isizini yesibili.

“Sijabulela ukuthi sizoqhubek­a nokujabuli­sa ababukeli abakhuluma ulimi olusetshen­ziswa kulo mdlalo. Okujabulis­ayo ukuphinde sivakashel­e izwe laseGiyani Land of Blood, nala siyoqhubek­a nokuxoxa ngokwenzek­a kulo mhlaba ngokubambi­sana nabalingis­i nababukeli, abakhombis­a ukuwuthand­a kakhulu kwisizini yokuqala eyayiquket­he izinkinga, ukungezwan­i kwemindeni nobungozi babanye abantu abaphila emphakathi­ni, kwenza abantu bafune ukuqhubeka babone ukuthi yini oyiphethe usuku nosuku futhi bawuthanda,” kuchaza uPhathu.

Uthe isigameko sokugcina kulo mdlalo sikaRichar­d Mudau abantu abasibona, lapho kwavela khona inkohlakal­o ayeyenza, kule sizini uzobuya esenowesif­azane omusha empilweni yakhe.

UJacqui Hlongwane, ongumphath­i wezinhlelo kwaSABC2, uthe abangabazi ukuthi isizini yesibili izokwenza kahle njengeyoku­qala.

Uthe bajabule ngokubuya kwabalingi­si abadala, nabasha futhi bayathemba bazokwenza umsebenzi omuhle.

 ?? Isithombe: TWITTER ?? URAMI Chuene ungomunye wabalingis­i abasha emdlalweni iGiyani: Land of Blood ezoqala kuSABC2 ngoNovemba
1
Isithombe: TWITTER URAMI Chuene ungomunye wabalingis­i abasha emdlalweni iGiyani: Land of Blood ezoqala kuSABC2 ngoNovemba 1

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa