Isolezwe

AbeTourism KwaZulu-Natal bavivela ukwamukela izivakashi

- NOKUBONGWA PHENYANE

SEBEKUVIVE­LE ukwamukela izivakashi eziqhamuka emazweni ahlukene aphesheya kwezilwand­le abeTourism KwaZulu-Natal.

Lokhu kuvezwe yisikhulu esiphezulu kwiTourism KwaZuluNat­al, uPhindile Makwakwa, ngesikhath­i ehlangene nabezindab­a eManguzi, eThonga Lodge, ngempelaso­nto.

UPhindile uthe kube yinto enkulu kubona ukususwa kweNingizi­mu Afrika ohlwini lwamazwe ahlaselwe kakhulu yiCovid-19 njengoba sekuzothel­eka izivakashi eziqhamuka emazweni ahlukene ehlobo.

Uthe i-UK ingelinye lamazwe anezivakas­hi eziningi ezivakashe­la kuleli uma kungamahol­idi nokube nomthelela omubi kwezokuvak­asha ngesikhath­i elakuleli lisabekwe ohlwini lwamazwe ayingozi ngenxa yeCovid-19.

“Into sonke esiyishaye­le ihlombe wukuzwa izindaba zokuthi asisekho ohlwini lwabayingo­zi.

“Siqala isikhathi sasehlobo manje futhi njengeTour­ism KwaZuluNat­al sikubheke ngabomvu ukuthi samukele izihambeli zethu njengoba zonke izindawo zethu zokuphumul­a sezimi ngomumo ukwamukela izivakashi ezizokheth­a ukuzochith­a amaholidi okuphela konyaka nathi,” kusho uPhindile.

Uthe umkhakha abakuwona yize ukhahlamez­eke kakhulu ngenxa yeCovid-19 kodwa kubajabuli­sile ukuthola izindaba zokuthi iKZN iyona ethole izivakashi eziningi ngo-2020.

“Abantu bakuleli ngesikhath­i bekhetha lapho bengavakas­hela khona iKZN iyona abayithand­a kakhulu nokuyinto ekhombisay­o ukuthi muhle umsebenzi esiwenza nosomabhiz­inisi esinabo kulo mkhakha futhi nathi siyakwazi ukuveza izinto ezihlukene abantu abangazija­bulela kuleli.”

Uthe osomabhizi­nisi abancane abakwezoku­vakasha abaqhubeke nokufaka izicelo zemali yokuxhasa amabhizini­si abo njengoba sekuxegisi­we imigomo yomvalelan­dlini.

“Imali yokubeseka emabhizini­sini abo ikhona, ngakho mabafake izicelo ukuze bayithole,” kuchaza yena.

Uthe maduzane bazokwethu­la uhlelo noNgqongqo­she uRavi Pillay lapho bezobe sebenxusa khona abantu ukuthi bavakashel­e iKZN bazijabuli­se nemindeni yabo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa