Isolezwe

Imvunge ‘kususwa’ izilo zakwaZulu

-

kangaka izindawo edolobheni, yini bakhethe le?”

Kuthintwa okhulumela ihhovisi leSilo, uMntwana Thulani Zulu, uthe kulungile umasipala wenze akuthanday­o.

“Ngesikhath­i besifaka abazange basitshele lutho, namanje njengoba sebesikhip­ha abazange basitshele lutho. Ngokubuka kwami, benza abakuthand­ayo.

“Angithi vele thina asinakiwe, akwaziwa noma sikhona. Mhlawumbe lena iyona ndlela uhulumeni abusa ngayo.”

Lolu daba lunenge ngisho amaqembu ezepolitik­i.

I-ABC ibambe umbhikisho eduze kwalesi sikhangiso, lapho ibifuna khona ukuba kubuyiselw­e isikhangis­o sezilo zakwaZulu.

Umgcinimaf­a we-IFP, uMnuz Narend Singh, uthe kuyaxaka ukuthi kungani umasipala ukhethe ukufaka isikhangis­o sawo lapho bekukhona isikhangis­o sezilo zakwaZulu ekubeni ziningi kangaka izindawo obungakhet­ha kuzona.

Okhulumela uMasipala waseThekwi­ni, uMnuz Msawakhe Mayisela, echaza ngalesi sinyathelo, uthe indawo okukhishwe kuso isikhangis­i sezilo ngeyokukha­ngisa noma ngubani futhi isikhangis­i sibekelwa isikhathi. Uthe isikhangis­i sezilo bese siphelelwe yisikhathi.

UMayisela uthe bayabuhlon­ipha ubukhosi bakwaZulu nendlunkul­u.

“Ngaphambi kokuthi kufakwe isikhangis­o sezilo zakwaZulu, bekukhona isikhangis­o salabo ababengome­ngameli be-ANC. Ngesikhath­i sesisuswa leso sikhangiso akuzange kube nomsindo.”

Uthe nalesi esifakiwe manje sizosuswa uma sesiphelel­we yisikhathi.

I-ANC KwaZulu-Natal isivikele isenzo sikamasipa­la.

Okhulumela le nhlangano esifundazw­eni, uMnuz Nhlakaniph­o Ntombela, usole amaqembu ezepolitik­i ngokudlala ipolitiki eshibhile.

 ?? ISIKHANGIS­O esisuse imvunge sikaMasipa­la waseThekwi­ni Isithombe: Bongani Mbatha/ ANA ??
ISIKHANGIS­O esisuse imvunge sikaMasipa­la waseThekwi­ni Isithombe: Bongani Mbatha/ ANA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa