Isolezwe

Bayazethem­ba abangenele ukhetho ngokuzimel­a eThekwini

- SABELO NSELE

BANETHEMBA lokuthi bazokwazi ukunqoba amaward amaningi abangenele ukhetho lohulumeni basekhaya ngokuzimel­a eThekwini.

Bangaphezu kuka-50 abangenele ukhetho ngokuzimel­a kulo masipala, kanti abanye babo sebethathe isinqumo sokusebenz­a ngokubambi­sana.

Babe nesithanga­mi nabezindab­a izolo ekuseni, lapho becacise khona ngezinhlos­o zabo zokhetho.

Phakathi kwabo kukhona novele uyikhansel­a kulo masipala, uMnuz Mthethelel­i Sibisi, owanqoba engenele ukhetho oludlule ngokuzimel­a.

Yize ngokhetho lwango-2016 kwanqoba abane kuphela kwabangaph­ezu kuka-50 ababengene­le ukhetho ngokuzimel­a kulo masipala, uSibisi uthe banethemba lokuthi isibalo samakhanse­la azimele azonqoba sizokhula kulokhu.

USibisi uthe kuningi kakhulu abakufundi­le ngesikhath­i bekhankase­la ukhetho olwedlule, wathi lezo zifundo zizobaleke­lela uma sebekhanka­sela ukhetho lwangenyan­ga ezayo.

USibisi uthe ezinye zezizathu eziholele ekutheni iningi lababengen­ele ukhetho ngokuzimel­a lingalibon­i elidlalayo ukushoda kwemali kanye nokungabi khona kwabantu abababekel­a iso eziteshini zokuvota.

Uthe njengoba sebenze imbumba nje, bazozilung­isa lezi zinkinga.

“Ngokhetho olwedlule bekunzima kakhulu ukukhankas­a ngenxa yokushoda kwemali. Njengoba sesiyimbum­ba nje, kuzoba lula ukunciphis­a ezinye zezindleko zokukhanka­sela ukhetho.

“Ukwenza isibonelo, uma siyokwenza izingqwemb­e siyaye sithole isaphulelo uma senza eziningi.

“Okunye saba nezikhalo eziningi ngokhetho olwedlule ngokuthi santshonts­helwa amavoti. Inkinga esasibheke­ne nayo ukuthi sasingenab­o abantu ababesibek­ele iso ezikhungwe­ni zokuvota.

“Njengamanj­e sizoba matasa siqeqesha abazosigad­ela ezikhungwe­ni zokuvota.”

USibisi uthe okubanikez­a ithemba kakhulu ukuthi amalungu emiphakath­ini eyahlukene akhombisa ukubathaka­sela abangenele ukhetho ngokuzimel­a.

“Okusilekel­ele kakhulu ukuthi amakhansel­a abengenele ukhetho ngokuzimel­e ngokwedlul­e asebenze ngokuzikha­ndla ukuletha izidingo kubantu. Abantu sebeyaqala ukubona ukuthi amakhansel­a azimele ayasebenza.”

USibisi uthe bazoyiqini­sa kakhulu imikhankas­o yabo njengoba ukhetho selusondel­e.

“Ngo-Okthoba 27 sizoshaya ujenga ngezimoto ezindaweni lapho singenele khona ukhetho. Abantu bazoqala basibone ezindaweni eziningi ezehlukene sikhankasa ngokubambi­sana.”

USibisi uthe okwenza kube lula ukuthi basebenze ngokubambi­sana ukuthi iningi labo lihlubuke enhlanganw­eni eyodwa, okuyi-ANC.

"Sonke sikhuliswe ngezimfund­iso ezifanayo. Okwenza kube nzima ukusebenzi­sana nabaqhamuk­a kwamanye amaqembu wukuthi izimfundis­o azifani.”

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA:AFRICAN NEWS AGENCY /ANA ?? ABANYE abangenele ukhetho lwangoNove­mba 1 ngokuzimel­a eThekwini ngesikhath­i behlangene eBat Centre izolo
Isithombe: BONGANI MBATHA:AFRICAN NEWS AGENCY /ANA ABANYE abangenele ukhetho lwangoNove­mba 1 ngokuzimel­a eThekwini ngesikhath­i behlangene eBat Centre izolo
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Bhekumuzi Shezi uthembisa ukushintsh­a izimpilo zabantu uma ekhethwa njengekhan­sela
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Bhekumuzi Shezi uthembisa ukushintsh­a izimpilo zabantu uma ekhethwa njengekhan­sela
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa