Imiphakathi iyazidinga izingwevu ezingenele ukhetho
ULWAZI namakhono abantu asebekhulile ngokweminyaka abangenele ukhetho lohulumeni basekhaya, luyadingeka.
Ngokusho komakadebona, yize iminyaka isihambile kubona kodwa kuningi abasangakwenza ukuletha izidingo kubantu. Phakathi kwalaba asebekhulile abangenele ukhetho lwangenyanga ezayo, nabakhulume neSolezwe, kukhona noneminyaka engu-75.
Omunye walezi zingwevu, nguMnuz Bhekumuzi Shezi
(72) waseMsinga, othe ungenela ukhetho ngoba efuna ukubona impilo yabantu ishintsha. Kungokokuqala uShezi engenela ukhetho kepha uthe kuningi asekwenzele umphakathi asuka kuwona.
UShezi uthe ubesekhaleni lokwakhiwa nokulungiswa kwezikole eziningi endaweni, nokwenza izicelo zokuba kwakhiwe imitholampilo eMsinga. Uzishaya isifuba ngokuthi waba sekhaleni lokusungulwa kwengadi engu-20 wamahekta kuyo lendawo.
UShezi uthe okuningi kwalokhu ubekwenza ngokuthi ayocela uxhaso kosomabhizinisi nasezinkampanini ezizimele.
Yize eziqhenya ngamagalelo akhe emphakathini wangakubo, kepha akakazifezi zonke izinhloso zakhe.
“Konke lokhu bengikwenza ngingelona ikhansela kodwa bengikwenza ngobizo. Kuningi engizokwenzela umphakathi engisuka kuwona uma sengikhethwe njengekhansela. Inhloso yami ukuthi abantu basizakale. Ngeke ngidlale ngabantu, ngiyibhinca laseMsinga elaziwayo” kusho uShezi.
UNkk Bakhethekile Gumbi (75), ongenele ukhetho oPhongolo, novele uyikhansela lendawo, uthe ubengeke anqabe uma umphakathi uthi akaphinde angenele ukhetho. Uthe ukusebenza ngokuzikhandla yikhona okwenze ukuthi umphakathi umbuyisele ekuwuholeni futhi akazange azibandakanye nenkohlakalo.
“Abantu bafuna ngiqhubeke ngibasebenzele eminye iminyaka emihlanu. Kuleli hlandla lohulumeni basekhaya ngisebenze ngokuzikhandla futhi bengingakhethi, ngisiza abancane nabadala. Yingakho ngithandwa yiwo wonke umuntu,” uNkk Gumbi.
UMnuz Qobolwakhe “Maqhayisinene” Sithole (64) waseMsinga, uthe okumenze wangenele ukhetho ukugqoza kwentuthuko endaweni aqhamuka kuyo.
“Akukuningi okudale ukuba ngisukume. Iqiniso ukuthi sesibadala, sesiyahamba kodwa intuthuko asiyiboni. Kade kwakukhulunywa ngentuthuko kodwa manje sesiya egodini, izwe alithuthuki,” kubeka uSithole.
Uyaqala engenela lolu khetho futhi unethemba lokuthi uzophumelela.
UMnuz Dubandlela
“Msila” Mchunu (60) naye ongowaseMsinga, uthe ayikho into abengayenza uma abantu bekhala bethi akangenele ukhetho.
“Ngalungenela ngokwedlule kepha angangawina. Bengingasazimisele ngokuphinde ngilungene kodwa-ke abantu bangincenga ukuba ngiphinde.
“Ayikho into ebengingayenza ngoba ngiyazi ukuthi abantu babona imisebenzi yami emihle engiyenzayo yize ngingelona ikhansela, yingakho befuna ukungenza ikhansela.”