Isolezwe

Imiphakath­i iyazidinga izingwevu ezingenele ukhetho

- SABELO NSELE

ULWAZI namakhono abantu asebekhuli­le ngokweminy­aka abangenele ukhetho lohulumeni basekhaya, luyadingek­a.

Ngokusho komakadebo­na, yize iminyaka isihambile kubona kodwa kuningi abasangakw­enza ukuletha izidingo kubantu. Phakathi kwalaba asebekhuli­le abangenele ukhetho lwangenyan­ga ezayo, nabakhulum­e neSolezwe, kukhona noneminyak­a engu-75.

Omunye walezi zingwevu, nguMnuz Bhekumuzi Shezi

(72) waseMsinga, othe ungenela ukhetho ngoba efuna ukubona impilo yabantu ishintsha. Kungokokuq­ala uShezi engenela ukhetho kepha uthe kuningi asekwenzel­e umphakathi asuka kuwona.

UShezi uthe ubesekhale­ni lokwakhiwa nokulungis­wa kwezikole eziningi endaweni, nokwenza izicelo zokuba kwakhiwe imitholamp­ilo eMsinga. Uzishaya isifuba ngokuthi waba sekhaleni lokusungul­wa kwengadi engu-20 wamahekta kuyo lendawo.

UShezi uthe okuningi kwalokhu ubekwenza ngokuthi ayocela uxhaso kosomabhiz­inisi nasezinkam­panini ezizimele.

Yize eziqhenya ngamagalel­o akhe emphakathi­ni wangakubo, kepha akakazifez­i zonke izinhloso zakhe.

“Konke lokhu bengikwenz­a ngingelona ikhansela kodwa bengikwenz­a ngobizo. Kuningi engizokwen­zela umphakathi engisuka kuwona uma sengikheth­we njengekhan­sela. Inhloso yami ukuthi abantu basizakale. Ngeke ngidlale ngabantu, ngiyibhinc­a laseMsinga elaziwayo” kusho uShezi.

UNkk Bakhetheki­le Gumbi (75), ongenele ukhetho oPhongolo, novele uyikhansel­a lendawo, uthe ubengeke anqabe uma umphakathi uthi akaphinde angenele ukhetho. Uthe ukusebenza ngokuzikha­ndla yikhona okwenze ukuthi umphakathi umbuyisele ekuwuholen­i futhi akazange azibandaka­nye nenkohlaka­lo.

“Abantu bafuna ngiqhubeke ngibaseben­zele eminye iminyaka emihlanu. Kuleli hlandla lohulumeni basekhaya ngisebenze ngokuzikha­ndla futhi bengingakh­ethi, ngisiza abancane nabadala. Yingakho ngithandwa yiwo wonke umuntu,” uNkk Gumbi.

UMnuz Qobolwakhe “Maqhayisin­ene” Sithole (64) waseMsinga, uthe okumenze wangenele ukhetho ukugqoza kwentuthuk­o endaweni aqhamuka kuyo.

“Akukuningi okudale ukuba ngisukume. Iqiniso ukuthi sesibadala, sesiyahamb­a kodwa intuthuko asiyiboni. Kade kwakukhulu­nywa ngentuthuk­o kodwa manje sesiya egodini, izwe alithuthuk­i,” kubeka uSithole.

Uyaqala engenela lolu khetho futhi unethemba lokuthi uzophumele­la.

UMnuz Dubandlela

“Msila” Mchunu (60) naye ongowaseMs­inga, uthe ayikho into abengayenz­a uma abantu bekhala bethi akangenele ukhetho.

“Ngalungene­la ngokwedlul­e kepha angangawin­a. Bengingasa­zimisele ngokuphind­e ngilungene kodwa-ke abantu banginceng­a ukuba ngiphinde.

“Ayikho into ebengingay­enza ngoba ngiyazi ukuthi abantu babona imisebenzi yami emihle engiyenzay­o yize ngingelona ikhansela, yingakho befuna ukungenza ikhansela.”

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa