Isolezwe

UButhelezi usabancoma abavikela iPhoenix ngesikhath­i kuqubuke izibhelu

- SABELO NSELE

UMSUNGULI we-IFP, inkosi Mangosuthu Buthelezi, uthi namanje usababonga abasePhoen­ix abavikela leli lokishi ngesikhath­i kunezibhel­u ezazihambi­sana nokuzitape­la impahla.

UButhelezi uthe labo abavikela leli lokishi ngesikhath­i sezibhelu akufanele badidanisw­e neziwengu ezabona intuba yokubulala abantu.

Lo mholi uthe isenzo sezakhamuz­i zakule ndawo sokuvikela izitolo ekutheni zingacekel­wa phansi sasiza ukuhlenga imisebenzi.

UButhelezi ukusho lokhu ngesikhath­i ehambele kuleli lokishi, lapho kwethulwe khona abamele i-IFP okhethweni lohulumeni basekhaya kule ndawo.

UShenge uthe lokhu okwenziwa yizakhamuz­i zakule ndawo yinto naye ayeyenza ngokubambi­sana nabaholi be-IFP nabomphaka­thi oLundi, lapho babegade khona ukuba zingacekel­wa phansi izitolo ezikule ndawo.

“Nanivikela amakhaya namabhizin­isi. Nanihlala ubusuku bonke, nihambe nibheka emigwaqwen­i, nenza isiqinisek­o sokuthi labo ababetapa babengacha­nasi kuleli lokishi. Konke lokhu bekwenziwa ngokubambi­sana nezinhlaka zezokuphep­ha futhi kuhlonishw­a umthetho. Nganibonga ngalesiya sikhathi futhi namanje ngisanibon­ga. Ngenxa yenu ziningi izimpilo enazihleng­ayo.”

UButhelezi uthe ngesikhath­i kuqhubeka lezi zibhelu, kukhona ababona ithuba lokudala uqhekeko phakathi kwamaNdiya nabantu abamnyama.

Uthe naye waba yisisulu salaba ababedala uqhekeko.

UButhelezi uthe laba ababedala uqhekeko ezinkundle­ni zokuxhuman­a bahlanekez­ela inkulumo yakhe lapho ayencoma khona abasePhoen­ix.

“Kwaba khona abantu abafaka ezinkundle­ni zokuxhuman­a inkulumo yami nezithombe zabantu ababulawa ePhoenix.

“Izinkumbi zabantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a zangifisel­a ukufa. Ngathukwa ngazo zonke izinhlamba, abantu bebuza ukuthi ngingakunc­oma kanjani ukubulawa kwabantu abamnyama. Akuzange kungikhath­aze lokhu ngoba ngangazi ukuthi inhloso yabo ukudala uqhekeko.”

UButhelezi ubonge uNkulunkul­u ngokufika kwabaseNdi­ya kuleli.

Uthe ukufika kwabo kwadala umehluko omkhulu kuleli.

“Bangihlaba umxhwele ngesikhath­i sobandlulu­lo. Yize nabo babehlwemp­u kodwa bakwazi ukusilekel­ela. Bangaki abantu abamnyama abaqashwe ngamaNdiya?”

UButhelezi uthe basazoqhub­eka nokufuna izimpendul­o ngembangel­a yalezi zibhelu ezaqubuka ngoJulayi.

“Ngeke siphumule kuze kube khona abantu abashushis­wayo ngale nto.”

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA ?? UMSUNGULI we-IFP, Inkosi uMangosuth­u Buthelezi, ubehambele ePhoenix izolo
Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA UMSUNGULI we-IFP, Inkosi uMangosuth­u Buthelezi, ubehambele ePhoenix izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa