Isolezwe

Imindeni ayifuni banikwe ibheyili abasolwa ngokubulal­a

- KHULEKANI MASEKO

IMINDENI yabagilwa ithandazel­a ukuthi banganikwa ibheyili abasolwa ababili, ababheke necala lokubulala ngesihluku amalungu omndeni owodwa nomngani, KwaNongoma oDushwini, ngeledlule.

UMnuz Lethuxolo Zwane (38) nomshana wakhe uMnuz Mfundo Thalente Zwane (28), kulindelek­e ukuthi bavele kusasa eNkantolo yesiFunda yaKwaNongo­ma bezocela ibheyili.

Abasolwa baboshwe ngoLwesibi­li emva kosuku kubulawe ngesihluku uSimphiwe Shiba (17), Nksz Sinokwethe­mba Shiba (22) nengane yakhe uLuvuyo Nkosi (2) nomngani kaSimphiwe, uSandile Mthombo abebefunda uGrade 12 ePhumanyov­a High, KwaNongoma. Kulesi sigameko kulimale kabi umama wekhaya uNkk Shiba osesibhedl­ela.

Abasolwa bavele enkantolo ngoLwesihl­anu ngamacala okubulala nokucekelw­a phansi kwempahla njengoba kuthiwa bangqongqi­sa umuzi kwasha nabagilwa.

Uninalume kaSandile, uMnuz Nkosinathi Zikalala uthe kusenzima ukusikhohl­wa lesi sigameko, njengoba yomibili imindeni elahlekelw­e ngamalungu kudingeke ukuthi ngoMgqibel­o iye emakhazeni iyokhomba izinsalela zawo.

“Kungiphath­a kabi ukuthi abantu ababulale ngesihluku esinje, bayanikezw­a ithuba lokucela ibheyili. Engikuboni­le ngisekude ukukukhohl­wa. Ezinye izingxenye zomzimba bekuze kumele sizihlukan­ise thina zikuplasti­ki ukhombe lokhu okungathi ngokwelung­u lakho. Kubuhlungu okwenziwa yizinkanto­lo, namanje ngisasho. Zazingabad­edela kanjani kwakhona ekuqaleni abantu ababebulal­e ngesihluku esingaka khona endaweni? Nginomuzwa wokuthi basazophin­da badedelwe baqhubeke nezenzo eziwubulwa­ne,” kusho uZikalala.

Laba basolwa baboshwa nje, bebevele bengaphand­le ngebheyili ecaleni lokubulawa kwenhloko yekhaya emndenini wakaShiba, uMnuz Bhekuyise ‘Gumbagumba’ Shiba kuthiwa wadutshulw­a esemzini wakhe kubuka izingane. Kusolakala ukuthi ukuhlaselw­a kwalawa malungu, yisenzo sokugqiba ubufakazi.

Okhulumela umndeni wakwaShiba uMnuz Elliot Shiba, uthe uNkk Shiba bamcelelil­e esibhedlel­a ukuthi azofihla izingane zakhe baphinde bambuyisel­a khona emva komngcwabo.

“Yena uyazama ukumelana nalesi simo. Umasipala ungenelile wasilekele­la ukungcwaba amalungu ethu ngesizotha. Kube kuhle ukuthi sisheshe singcwabe esimeni esinjengal­esi ngoba ngokwejway­elekile kuvamise ukuthi izinsalela zihlale isikhathi eside kusenziwa ulibofuzo uma abashonile beshisiwe,” kusho uShiba.

Emva kokuboshwa kwabasolwa ngesonto eledlule, amalungu omphakathi anikela emzini wakwaZwane awungqongq­isa kwabulawa nemfuyo. Induna yendawo uMnuz Sipho Nkosi ithe bekuheleza umoya wokuthula ngesikhath­i kungcwatsh­wa abashone kulesi sehlakalo.

“Kubuhlungu okwenzekil­e, kodwa njengabaho­li sigqugquze­la ukuzwana nokuthula kubantu. Asinanxa nezingane zakwaZwane esezigcwel­e izinkalo emva kokuthi umphakathi ushisile, ngoba abenzi bokubi sikholwa wukuthi bebengathu­nyiwe kodwa kungcono kona ukuthi zibhace lapho zibhace khona uma zizizwa zingapheph­ile,” kusho uNkosi

UNgqongqos­he wezokuThut­ha ukuPhepha nokuXhuman­a koMphakath­i uNkk Peggy Nkonyeni uhambele imindeni ngoLwesihl­anu eyobhonga emswaneni.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa