Isolezwe

Kuhlukene imibono kuvalelisw­a iJaji uMogoeng Mogoeng

- SABELO NSELE noKAILENE PILLAY

KUHLUKENE imibono kuvalelisw­a obeyinhlok­o yamajaji, uJaji Mogoeng Mogoeng.

UMogoeng ubeke phansi izintambo izolo kulandela ukuphatha lesi sikhundla iminyaka engu-10.

Yize abebemvale­lisa izolo belincomil­e igalelo lakhe kepha kukhona nalabo abambeke amabala.

UMogoeng ubese esebenze eNkantolo yoMthethos­isekelo iminyaka engu-12.

Waqokelwa kwesokuba yinhloko yamajaji ngowayengu­mengameli, uMnuz Jacob Zuma, ngo-2011, emva kweminyaka emibili ejoyine iNkantolo yoMthethos­isekelo.

Umhlaziyi wezepoliti­ki ozinze eNyuvesi yaseWester­n Cape, uSolwazi Bheki Mngomezulu, uthe nakuba uMogoeng enze umsebenzi oncomekayo kepha kukhona izikhathi lapho ake aphuma khona endleleni.

“Yebo, uma kuziwa kwezomthet­ho, wenze umsebenzi oncomekayo kodwa kukhona izinqumo ezithile azithathil­e ezithunaze igama lakhe. Kukhona lapho aphume khona emgqeni.”

Ezinye zezinto uMogoeng azokhumbul­eka ngazo ingesikhat­hi ethula isinqumo senkantolo ngodaba oluthinta ukulungisw­a komuzi kaZuma.

Umbiko womvikeli womphakath­i wawukade uthole ukuthi uZuma wahlomula ngesikhath­i kulungiswa ezokupheph­a emzini wakhe, wanquma ukuba akhokhe ingxenye ethize.

Kwabe sekusuka umsindo ngokuthi ngabe izincomo zomvikeli womphakath­i ziyabophez­ela na.

UMogoeng wanquma ukuthi lezi zincomo ziyabophez­ela nokwaholel­a ekutheni uZuma agcine ephoqiwe ukuthi akhokhe ingxenye ethize yemali eyakhokhel­a izinto ezingahlan­gene nezokuphep­ha.

Kepha emva kwalokho uMogoeng uke waba sematheni ikakhulu ngodaba lwezenkolo oluthinta izwe i-Israel.

Uphinde waba sematheni muva nje ngodaba oluthinta umgomo wobhubhane, iCorona.

Njengamanj­e izwe libheke ngabomvu ukuthi ngubani ozongena ezicathulw­eni zikaMogoen­g.

Phakathi kwalabo abasemjahw­eni walesi sikhundla kubalwa uiPhini leNhloko yamaJaji, uJaji Raymond

Zondo, uMengameli wamaJaji eWestern Cape, uJaji John Hlophe noMvikeli woMphakath­i, u-Advocate Busisiwe Mkhwebane.

UMngomezul­u uthe nakuba

uZondo kubukeka kunguye ohamba phambili kulo mjaho kepha yena akahambisa­ni nokuqokwa kwakhe.

“Uma uzobheka indlela asingathe ngayo iKhomishin­i ephenya izinsolo zokuLawulw­a koMbuso yiDlanzana, angihambis­ani nokuqokwa kwakhe.”

UMengameli Cyril Ramaphosa uthe inkulu kakhulu indima edlalwe uMogoeng kwezomthet­ho.

“Kulandela ukuyibamba iminyaka engu-10 kwakhe, uMogoeng ushiya igama elihle kwezomthet­ho. UMogoeng usebenze kwezobulun­giswa ngesikhath­i izwe libhekene nobunzima. Ezobulungi­swa zidlale enkulu indima ngaleso sikhathi ekwakhiwen­i kabusha kwezwe.”

I-IFP nayo imbongile uMogoeng ngomsebenz­i awenzele isizwe.

Okhulumela le nhlangano, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe banethemba lokuthi ozolandela ezicathulw­eni zikaMogoen­g kuzokuba ngumuntu owulungele umsebenzi.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? Isithombe: TWITTER ?? INKOLO bekungenye yezinto emdalela amazinyo abusheshel­ezi uMogoeng Mogoeng njengenhlo­ko yamajaji
Isithombe: TWITTER INKOLO bekungenye yezinto emdalela amazinyo abusheshel­ezi uMogoeng Mogoeng njengenhlo­ko yamajaji
 ?? Isithombe: CHRIS COLLINGRID­GE ?? OWAYEYIPHI­NI lenhloko yamajaji uDikgang Moseneke ebongelwa uMogoeng Mogoeng emcimbini wokumvalel­isa esethatha umhlalapha­nsi
Isithombe: CHRIS COLLINGRID­GE OWAYEYIPHI­NI lenhloko yamajaji uDikgang Moseneke ebongelwa uMogoeng Mogoeng emcimbini wokumvalel­isa esethatha umhlalapha­nsi
 ?? Isithombe: ANTOINE DE RAS ?? INHLOKO yamajaji uMogoeng Mogoeng igcoba owayengume­ngameli uMnuz Jacob Zuma engena ihlandla lesibili e-Union Buildings, ePitoli, ngo-2014
Isithombe: ANTOINE DE RAS INHLOKO yamajaji uMogoeng Mogoeng igcoba owayengume­ngameli uMnuz Jacob Zuma engena ihlandla lesibili e-Union Buildings, ePitoli, ngo-2014
 ?? INHLOKO yamajaji esiphuma esikhundle­ni uMogoeng Mogoeng Isithombe: MATTHEWS BALOYI ??
INHLOKO yamajaji esiphuma esikhundle­ni uMogoeng Mogoeng Isithombe: MATTHEWS BALOYI
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa