Ukuqaqamba kwehlombe nengalo akubekezeleleki
ukukhuluma ngabo sithi buzwakala enyongeni, behle buze buyofika edolweni; kwesinye isikhathi buyakwazi ukuthungeleka buze buyothi qathatha onyaweni. Nalapha enyongeni nasemlenzeni imbangela kusuke kuwukuvuvukala kongwengwezi olunamanzana.
Lezi zikhuhluzwana ezinamathela ethanjeni zibizwa ngokuthi yi-bursae; umsebenzi wazo ukunciphisa ukuhuzuka nokwenza ukunyakaza kwamathambo, izicubu nemisipha kube lula ukuze umzimba uwonke ulungele ukusebenza ngaphandle kwezingqinamba.
Kanjalo nasehlombe kukhona amahlukuzwana anamanzana esiwabiza ngokuthi ama-bursae, njengoba sesishilo la mahlukuzwana atholakala ezindaweni ezintathu ehlombe, nakuba isikhathi esiningi kujwayele ukuba ubuhlungu obusehlombe eduze kwaleli thambo eliyibhola.
Lobu buhlungu buyakwazi ukukubelesela buhlale endaweni eyodwa izinyanga zilamane, uma nje bungakelashwa. Esijwayele ukukubona ukuthi izinhlungu lezi azizweli emaphilisini ajwayelekile esithanda ukuwabiza ngokuthi awamathambo. Lezi zinhlungu ziqedwa ukwelapha imbangela yazo ngqo, sizibona ziphela zithi nyampu uma uzelaphe ngendlela yakhona, akukhathaleki ukuthi zizwakala zikubambe kuyiphi ingxenye yehlombe.
Ubuhlungu obukulezi zindawo zehlombe buyakwazi ukuthungeleka buze bufike entayeni yaleyo ngxenye yehlombe kunkenkethe buze buyotheleka ekhanda elikubamba phezulu okhakhayini, esiphundu nasesiphongweni ikakhulu esweni elikulelo hlangothi oluthintekayo. Ngalesi sikhathi umzimba wonke usuke usuzwele, sekunezinkinga ngisho ekusabalaleni kwegazi lingasafinyeleli kahle ezinyaweni nasekhanda.
Yingakho lokhu kugula kuyaye kuhambe sekubelethene nomhlume kanye nobuhlungu nje bezinyawo. Baningi abantu bakithi abahlezi nalezi zinhlungu abazibekezelelayo singekho isidingo. Kwabanye sekunzima nokusebenzisa izingalo abaziphiwa nguMdali ngenxa yokukhonkeka okulethwa yilesi sifo.
Ngiqinisekile, abaningi bayazibuza ukuthi yini pho edala lobu buhlungu uma lama sakanyana anamanzana kuyimvelo? Ekuphenduleni lo mbuzo kumele sikhumbuzane umsebenzi walezi zikhwanyana esithe ama-bursae: sithe zinciphisa ukuhhudlana kwamathambo, imisipha nezicubu njengoba imizimba yethu isebenza.