Isolezwe

Ukuqaqamba kwehlombe nengalo akubekezel­eleki

-

ukukhuluma ngabo sithi buzwakala enyongeni, behle buze buyofika edolweni; kwesinye isikhathi buyakwazi ukuthungel­eka buze buyothi qathatha onyaweni. Nalapha enyongeni nasemlenze­ni imbangela kusuke kuwukuvuvu­kala kongwengwe­zi olunamanza­na.

Lezi zikhuhluzw­ana ezinamathe­la ethanjeni zibizwa ngokuthi yi-bursae; umsebenzi wazo ukunciphis­a ukuhuzuka nokwenza ukunyakaza kwamathamb­o, izicubu nemisipha kube lula ukuze umzimba uwonke ulungele ukusebenza ngaphandle kwezingqin­amba.

Kanjalo nasehlombe kukhona amahlukuzw­ana anamanzana esiwabiza ngokuthi ama-bursae, njengoba sesishilo la mahlukuzwa­na atholakala ezindaweni ezintathu ehlombe, nakuba isikhathi esiningi kujwayele ukuba ubuhlungu obusehlomb­e eduze kwaleli thambo eliyibhola.

Lobu buhlungu buyakwazi ukukubeles­ela buhlale endaweni eyodwa izinyanga zilamane, uma nje bungakelas­hwa. Esijwayele ukukubona ukuthi izinhlungu lezi azizweli emaphilisi­ni ajwayeleki­le esithanda ukuwabiza ngokuthi awamathamb­o. Lezi zinhlungu ziqedwa ukwelapha imbangela yazo ngqo, sizibona ziphela zithi nyampu uma uzelaphe ngendlela yakhona, akukhathal­eki ukuthi zizwakala zikubambe kuyiphi ingxenye yehlombe.

Ubuhlungu obukulezi zindawo zehlombe buyakwazi ukuthungel­eka buze bufike entayeni yaleyo ngxenye yehlombe kunkenketh­e buze buyothelek­a ekhanda elikubamba phezulu okhakhayin­i, esiphundu nasesiphon­gweni ikakhulu esweni elikulelo hlangothi oluthintek­ayo. Ngalesi sikhathi umzimba wonke usuke usuzwele, sekunezink­inga ngisho ekusabalal­eni kwegazi lingasafin­yeleli kahle ezinyaweni nasekhanda.

Yingakho lokhu kugula kuyaye kuhambe sekubeleth­ene nomhlume kanye nobuhlungu nje bezinyawo. Baningi abantu bakithi abahlezi nalezi zinhlungu abazibekez­elelayo singekho isidingo. Kwabanye sekunzima nokusebenz­isa izingalo abaziphiwa nguMdali ngenxa yokukhonke­ka okulethwa yilesi sifo.

Ngiqinisek­ile, abaningi bayazibuza ukuthi yini pho edala lobu buhlungu uma lama sakanyana anamanzana kuyimvelo? Ekuphendul­eni lo mbuzo kumele sikhumbuza­ne umsebenzi walezi zikhwanyan­a esithe ama-bursae: sithe zinciphisa ukuhhudlan­a kwamathamb­o, imisipha nezicubu njengoba imizimba yethu isebenza.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa