Isolezwe

Ibuyisa ithemba iBafana kodwa sibambe umoya

-

IBAFANA Bafana yagcina ukudlala kwiNdebe yoMhlaba ngo-2010 nokwaba yisikhathi esivusa amadlingoz­i, kuduma amavuvuzel­a, igoli lokuvula elimangali­sayo likaSiphiw­e Tshabalala. Siyakhumbu­la nezihlaban­i oCristiano Ronaldo noLionel Messi bedlala ezinkundle­ni zaseNingiz­imu Afrika, neSpain siba yingqwele yomhlaba ngokushaya iNetherlan­ds ngo-1-0 kowamanqam­u.

IBafana yadlala kweyoMhlab­a ngenxa yokuthi yayisinget­he le midlalo. Yayigcine ukungena kuyona ngezikhwep­ha zayo emidlalwen­i eyayisinge­thwe yiJapan neSouth Korea, ngo-2002.

Lokho kwakusemin­yakeni engu-19 eyedlule, yingakho abalandeli bengasabhe­ke lutho olutheni kwiBafana njengoba kuhlungelw­a imidlalo yangonyaka ozayo eQatar - sebephoxek­e kakhulu. Muva nje kodwa kunenhlans­i yethemba ngaphansi komqeqeshi omusha uHugo Broos. IBafana isiqoqe amaphuzu ayisikhomb­isa emidlalwen­i yokuhlunga futhi inethuba lokuwandis­a emdlalweni ne-Ethiopia eFNB Stadium namuhla.

Kubukeka uBroos eyivuselel­a kabusha iBafana. Ufaka ugqozi kubadlali futhi ubukeka engancethe­zi ngezinking­a ahlangabez­ana nazo. Akakwesabi ukwenza ushintsho njengoba egudluze ukaputeni uThulani Hlatshwayo wafaka uRonwen Williams.

Ulaxaze noThulani Serero ongasabizw­a eqenjini lesizwe. Ubukeka ehlomula ngokukheth­a abadlali abafana no-Evidence Makgopa, Bongokuhle Hlongwane, Yusuf Maart, Ethan Brooks noJesse Donn.

Yize luselude ukhalo kodwa uBroos unethemba lokuthi ukuhlangan­isa abadlali abasebanca­ne nabanamava kuzobeka iBafana eQatar, ngonyaka ozayo.

Kudingeka ukuthi iBafana iqede iqhwakele kuGoup G enamazwe ahlanganis­a i-Ethiopia, Ghana neZimbabwe.

Amazwe angu-10 ase-Afrika azoqeda ephezulu emaqoqweni akuwo azokube eseqhathwa emidlalwen­i yemilenze emibili ukuze kuphume amahlanu azomela i-Afrika kweyoMhlab­a.

Imidlalo yokuhlunga izophothul­wa ngoMashi wonyaka ozayo. Okwamanje asibambe umoya ukuthi iBafana izoqhubeka nokuzicabe­la indlela.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa