Isolezwe

IVESI LOSUKU:

-

KUNABANTU abahlushwa ngamaphuph­o amabili, ukuphupha uqhuba umhlambi wezinkomo kokunye uhamba emahlathin­i kumbe endaweni eyihlane kodwa ugcine ungafiki ndawo. Kukhona konke lokhu uvuka usukhohliw­e kokunye ukhumbula kahle. Lawa maphupho kwabaningi awafiki kanye kodwa ayaphindel­ela, okugcina umuntu engasazi ukuthi ngabe asho ukuthini.

Uma ukhumbula kahle lapho umuntu omnyama ephuma khona nengcebo yakhe kwabe kuyisibaya esiyisidle­ke semfuyo abadala ababeyibiz­a “ngempahla” yasekhaya. Indoda yabe iyindoda ngezinkomo zayo. Izinkomo, izimbuzi nezinkukhu kwakuyiyon­a ngcebo okwakubona­kala kuyona uma kukhona okonakalay­o nokukhalel­ekayo, kuyiyona eyayilimal­a kuqala. Ngamanye amazwi, kuthiwa ithongo uma liba nolaka kumbe selilambil­e laliziveza ngokuqonda esibayeni lifike ligingqe inkomo noma imbuzi. Kwakuthi uma kuke kwethukela inkomo kumbe imbuzi yazala amaphahla, kwakuthiwa inkulu inhlanhla kulowo muzi. Ukuphucwa umhlaba yikhona kanye okubulale konke, sagcina singasenaz­o izinkomo futhi singasakwa­zi nokufuya. Isibaya sasiba senxiweni ozothola ukuthi kwabe kungelikab­aba omkhulu kumbe ukhokho okuthi uma sekusukwa kulona kuyiwa kwenye indawo kubikwe ngendlela yakhona, bathathwe nengcebo elapho ingasali ngemuva. Kunezindle­la zakhona zokwenza zesintu ezazaziwa ngamakhehl­a nabadala ekhaya.

Inxiwa lalifukame­le izibaya zasekhaya, nomfume wezikhwama uma ngabe kwakukhona oyinyanga kumbe uhlanya ekhaya. Sizokhumbu­la ukuthi umuzi nomuzi wawunempan­de yawo eyimfihlak­alo nomuthi wasekhaya owawusetsh­enziswa wumndeni uma konakele. Ngakho isizinda sempilo yomuntu kwabe kulinxiwa, isibaya semfuyo nempande nomuthi wasekhaya. Lokhu kwakudluli­selwa esizukulwa­neni nesizukulw­ane.

Umcebo okithina bantu abamnyama wawusenkom­eni. Ngakho uma uhlale ulandelwa yileli phupho, abakini basuke bethi sukuma ulandelele ukuthi konakalaph­i. Kokunye konakala kithina mhlawumbe lo mnotho wagcina ngomkhulu, ubaba wakho akabange esawulande­lela. Uma ulokhu uhamba udwanguza emahlathin­i nasezinkal­weni, ungafiki ndawo yinkulumo leyo ethi uhlupheka nje konke kwasala emanxiweni, okufanele usukume ukufune. Inkinga-ke sisuke sihambe siyobuza kubantu abangahlan­gene nendaba engabe sibuza kubanikazi bayo abasuke bekutshela. Ukhumbule ithongo uma likhuluma lisuke lingakuthu­mi ukuthi hamba uye kubani uyobuza kodwa uma inkulumo ingaphezu kokuqonda kwakho, buyela kubona ubuze khona bezokulaye­la. Abanye kuthi noma bedwanguza bagcine befikile lapho kufanele bafike khona. Axakeke umuntu ukuthi ngenzani KwaNongoma kumbe ezitolo zedolobha engilihamb­a mihla namalanga. Lokhu bathi kusho ukuthi kudingeka uyofunela ngaKwaNong­oma kumbe ngakulelo dolobha ohlale uhamba kulona. Ingani saphucwa izindawo zanikezwa abamhlophe bakha izithabath­aba zamadolobh­a kanti lapho kwakhiwe khona isitolo thizeni yinxiwa lakini.

Inxiwa laliyisidl­eke sobuhlakan­i nobugagu nobuqhawe bamakhehla akini. Kwakuliwa izimpi omunye wokhokho bakho wasala empini wathathwa wathunwa kuleyo ndawo, manje ukuze kubuye lobo buqhawe nobukhosi kufanele buze bulandwe lapho. Izinsila zasala ezaleni zalelo nxiwa, namhlanje osekuqhamu­ka kuwena ungazi kanjani. Umbuzo uthi wenzenjani uma uphupha amaphuho afana nalawa.

Okuqala ungalinge uthi uyokuzwa ezinhlanye­ni ngoba uzotshelwa okungekhon­a, uma kwenzekile waphuma watshelwa okuyikho uyokube unenhlahla. Okufanele ukwenze, uma uphupha umhlambi wezinkomo qonda emsamo ushise impepho ubuze kwabadala ukuthi lo mcebo wawukuphi, waphela kusiphi isizukulwa­ne ngakube kukhokho, umkhulu noma ngubaba na? Okulandela­yo ubuze waphela kanjani kwenzekani, nokuthi kufanele wenzenjani? Abakuqondi­se bona bakuyalele ngoba yinkulumo ebhekene nabo lena ukuze ingangenwa ngumuntu ozokudukis­a. Uma libuya iphupho lingacaci kahle, qhubeka futhi usho abayenze inkulumo icace ngoba usemncane okuningi awukuqondi uma bekukhulum­a bejulile. Lapho uyoyithola impendulo. Into evamise ukwenzeka ukuthola iphupho lingasabuy­i kodwa sewuphupha amanzi acwebile, neziziba ezingcolil­e. Lapho bathi wembethe ngakho uma ulungisa ungase uphathe emsebenzin­i kumbe ukhonjelwe izikhundla ezithize.

Okwenxiwa kwehlukile ngoba basuke kokunye befuna ulivuse, hhayi ukuphindel­a emuva kodwa umuzi lowo owakhile, uthi uma uwubika uhambe uyolilanda lona qobo lwalo.

Ukulandwa kwenxiwa-ke kwehlukile ngoba kufanele ubabuze ulilanda kanjani. Nakhona izimpendul­o kufanele uziqaphele zithini nokuthi zikhombani. Ngikusho lokhu ngokuqwash­isa, baningi okudlalwa ngabo kuthiwe kufanele balandelwe inxiwa kumbe singenise abantu abadala okuyinto leyo engamthint­i umuntu okungesiye womndeni.

Lawa maphupho womabili ephindaphi­nda kuwena asuke efuna wena siqu sakho hhayi omunye umuntu. Into esisuke siyenze ukuhambe sibuza kubantu kanti yilapho sesilahlek­a okokugcina. Umcebo lona wakini abasuke bekutshela ngawo, sukuma uwufune.

Bhedlindab­a “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize (PhD)

Isigodlo SaseMlambo­munye:

School of African Indigenous Science.

KZN 087 11 00 555 GAUTENG: 010 007

5294/5

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa