IVESI LOSUKU:
KUNABANTU abahlushwa ngamaphupho amabili, ukuphupha uqhuba umhlambi wezinkomo kokunye uhamba emahlathini kumbe endaweni eyihlane kodwa ugcine ungafiki ndawo. Kukhona konke lokhu uvuka usukhohliwe kokunye ukhumbula kahle. Lawa maphupho kwabaningi awafiki kanye kodwa ayaphindelela, okugcina umuntu engasazi ukuthi ngabe asho ukuthini.
Uma ukhumbula kahle lapho umuntu omnyama ephuma khona nengcebo yakhe kwabe kuyisibaya esiyisidleke semfuyo abadala ababeyibiza “ngempahla” yasekhaya. Indoda yabe iyindoda ngezinkomo zayo. Izinkomo, izimbuzi nezinkukhu kwakuyiyona ngcebo okwakubonakala kuyona uma kukhona okonakalayo nokukhalelekayo, kuyiyona eyayilimala kuqala. Ngamanye amazwi, kuthiwa ithongo uma liba nolaka kumbe selilambile laliziveza ngokuqonda esibayeni lifike ligingqe inkomo noma imbuzi. Kwakuthi uma kuke kwethukela inkomo kumbe imbuzi yazala amaphahla, kwakuthiwa inkulu inhlanhla kulowo muzi. Ukuphucwa umhlaba yikhona kanye okubulale konke, sagcina singasenazo izinkomo futhi singasakwazi nokufuya. Isibaya sasiba senxiweni ozothola ukuthi kwabe kungelikababa omkhulu kumbe ukhokho okuthi uma sekusukwa kulona kuyiwa kwenye indawo kubikwe ngendlela yakhona, bathathwe nengcebo elapho ingasali ngemuva. Kunezindlela zakhona zokwenza zesintu ezazaziwa ngamakhehla nabadala ekhaya.
Inxiwa lalifukamele izibaya zasekhaya, nomfume wezikhwama uma ngabe kwakukhona oyinyanga kumbe uhlanya ekhaya. Sizokhumbula ukuthi umuzi nomuzi wawunempande yawo eyimfihlakalo nomuthi wasekhaya owawusetshenziswa wumndeni uma konakele. Ngakho isizinda sempilo yomuntu kwabe kulinxiwa, isibaya semfuyo nempande nomuthi wasekhaya. Lokhu kwakudluliselwa esizukulwaneni nesizukulwane.
Umcebo okithina bantu abamnyama wawusenkomeni. Ngakho uma uhlale ulandelwa yileli phupho, abakini basuke bethi sukuma ulandelele ukuthi konakalaphi. Kokunye konakala kithina mhlawumbe lo mnotho wagcina ngomkhulu, ubaba wakho akabange esawulandelela. Uma ulokhu uhamba udwanguza emahlathini nasezinkalweni, ungafiki ndawo yinkulumo leyo ethi uhlupheka nje konke kwasala emanxiweni, okufanele usukume ukufune. Inkinga-ke sisuke sihambe siyobuza kubantu abangahlangene nendaba engabe sibuza kubanikazi bayo abasuke bekutshela. Ukhumbule ithongo uma likhuluma lisuke lingakuthumi ukuthi hamba uye kubani uyobuza kodwa uma inkulumo ingaphezu kokuqonda kwakho, buyela kubona ubuze khona bezokulayela. Abanye kuthi noma bedwanguza bagcine befikile lapho kufanele bafike khona. Axakeke umuntu ukuthi ngenzani KwaNongoma kumbe ezitolo zedolobha engilihamba mihla namalanga. Lokhu bathi kusho ukuthi kudingeka uyofunela ngaKwaNongoma kumbe ngakulelo dolobha ohlale uhamba kulona. Ingani saphucwa izindawo zanikezwa abamhlophe bakha izithabathaba zamadolobha kanti lapho kwakhiwe khona isitolo thizeni yinxiwa lakini.
Inxiwa laliyisidleke sobuhlakani nobugagu nobuqhawe bamakhehla akini. Kwakuliwa izimpi omunye wokhokho bakho wasala empini wathathwa wathunwa kuleyo ndawo, manje ukuze kubuye lobo buqhawe nobukhosi kufanele buze bulandwe lapho. Izinsila zasala ezaleni zalelo nxiwa, namhlanje osekuqhamuka kuwena ungazi kanjani. Umbuzo uthi wenzenjani uma uphupha amaphuho afana nalawa.
Okuqala ungalinge uthi uyokuzwa ezinhlanyeni ngoba uzotshelwa okungekhona, uma kwenzekile waphuma watshelwa okuyikho uyokube unenhlahla. Okufanele ukwenze, uma uphupha umhlambi wezinkomo qonda emsamo ushise impepho ubuze kwabadala ukuthi lo mcebo wawukuphi, waphela kusiphi isizukulwane ngakube kukhokho, umkhulu noma ngubaba na? Okulandelayo ubuze waphela kanjani kwenzekani, nokuthi kufanele wenzenjani? Abakuqondise bona bakuyalele ngoba yinkulumo ebhekene nabo lena ukuze ingangenwa ngumuntu ozokudukisa. Uma libuya iphupho lingacaci kahle, qhubeka futhi usho abayenze inkulumo icace ngoba usemncane okuningi awukuqondi uma bekukhuluma bejulile. Lapho uyoyithola impendulo. Into evamise ukwenzeka ukuthola iphupho lingasabuyi kodwa sewuphupha amanzi acwebile, neziziba ezingcolile. Lapho bathi wembethe ngakho uma ulungisa ungase uphathe emsebenzini kumbe ukhonjelwe izikhundla ezithize.
Okwenxiwa kwehlukile ngoba basuke kokunye befuna ulivuse, hhayi ukuphindela emuva kodwa umuzi lowo owakhile, uthi uma uwubika uhambe uyolilanda lona qobo lwalo.
Ukulandwa kwenxiwa-ke kwehlukile ngoba kufanele ubabuze ulilanda kanjani. Nakhona izimpendulo kufanele uziqaphele zithini nokuthi zikhombani. Ngikusho lokhu ngokuqwashisa, baningi okudlalwa ngabo kuthiwe kufanele balandelwe inxiwa kumbe singenise abantu abadala okuyinto leyo engamthinti umuntu okungesiye womndeni.
Lawa maphupho womabili ephindaphinda kuwena asuke efuna wena siqu sakho hhayi omunye umuntu. Into esisuke siyenze ukuhambe sibuza kubantu kanti yilapho sesilahleka okokugcina. Umcebo lona wakini abasuke bekutshela ngawo, sukuma uwufune.
Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize (PhD)
Isigodlo SaseMlambomunye:
School of African Indigenous Science.
KZN 087 11 00 555 GAUTENG: 010 007
5294/5