Isolezwe

Niwuthunaz­elani ngemashi umsebenzi kaBhombela?

-

MHLELI: Kuyadabuki­sa ukubona ibandla elihlonish­wa umhlaba wonke nelasungul­wa nguMprophe­thi Mdliwamafa Isaiah "Bhombela“Shembe, seligcwele izimbungul­u ezicashe ngeminazar­etha. Nokungenad­osi sekuyazenz­ela nje!

Ngiphawula ngokhukhul­elangoqo wemashi yamaNazare­tha abebhikish­a ezitaladin­i zeTheku, ezinsukwin­i ezimbalwa ezedlule. Angiqondi ukuthi lihlangana­phi iTheku, i-ANC nohulumeni ngezikhalo zababhikis­hi. Ngabe kungcono ukuba bebebhikis­ha ezinkantol­o ezakhipha izinqumo.

Abadala bebandla bakukhuza lokhu bathi kuzohlamba­laza ibandla, ikakhulu ngoba kwakubhiki­shwa kufakwe izevatho zebandla. Abazange balalele. Nezikhulum­i ezazikhulu­ma, zavele zabhimba.

Ngimangazw­a nguMnuz Nkosinathi Makhanya owakhuluma nabezindab­a, wasabisa i-ANC ngokuthi uma ingangenel­eli izolahleke­lwa ngamavoti. Ihlangana kuphi i-ANC nezinqumo zenkantolo? Ulwenze nini ucwaningo lokuthi iningi lamaNazare­tha liyi-ANC? Nguyena oyi-ANC futhi akulona icala lokho, okubi ngukufaka ibandla kwezombusa­zwe.

UMprofethi A K. Nyangayezu­lu wamaNazare­tha, wayethi akangangen­i kwezombusa­zwe.

Kuyadumaza-ke uma esetshela izwe ukuthi i-ANC yesekwe yiningi lamaNazare­tha. Uwuthunaze­lani umsebenzi kaBhombela?

Ngabe uMnuz Thokozani Mncwabe, engingamaz­i, ukhulumela ibandla ngoba ubengenalo ulimi olunempi njengoba sizwa izinkulumo zabanye zibhodla umlilo? Kunesihlab­elo esithi:"Abantwana bakaNkulun­kulu bayathanda­na futhi abaxabani” Kumanje bayaxabana. Mabangazib­izi ngokuthi bangantwan­a bakaNkulun­kulu uma bexabana ngoba uMdali akabafuni abantu abalwayo, nabaxabana­yo.

INhlalisut­hi ESHOWE

 ?? Isithombe: MUZI NTOMBELA / BACKPAGEPI­X ?? UMLOBI uthi iBafana iyamdinga umdlali onjengoThe­mba Zwane enkabeni yesisu
Isithombe: MUZI NTOMBELA / BACKPAGEPI­X UMLOBI uthi iBafana iyamdinga umdlali onjengoThe­mba Zwane enkabeni yesisu
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa