Isolezwe

Akaqashwa ngoba engenayo imali yokugwaza

-

MHLELI: Bengicela ukuphawula mayelana nobunzima engibuthol­e eMnyangwen­i wamaPhoyis­a. Bengicela uNgqongqos­he uBheki Cele aphumele obala ngalolu daba. Ngikhuluma nje nginengane engasebenz­i.

Kunosuku lapho ingane yami yashayelwa ucingo yabizwa njengomunt­u ozohamba iye ekoilishi lamaphoyis­a. Uma ifika eThekwini kwabizwa amagama alabo abagwazile, elakhe langabizwa.

Ingane yami yenza zonke izivivinyo yaziphasa kodwa lutho ukuqashwa ngenxa yezikhohla­kali. Into eyenzakala­yo wukuthi kubhalwa ngepeni lomsizi emaphephen­i ezivivinyo. Ngale ndlela kuba lula ukuthi kususwe igama lalowo ophasile, kubhalwe elalowo onemali yokugwaza.

Olwami udaba selwahamba lwaze lafika eHhovisi likaMengam­eli uqobo kodwa lutho impendulo. Lutho ukuphendul­a uKhehla Sitole, lutho ukuphendul­a uBheki Cele, lutho ukuphendul­a uMvikeli woMphakath­i, lutho ukuphendul­a iKhomishin­i yamaLungel­o Abantu.

Sengikhulu­me nabaningi abasebenza ehhovisi lokuqashwa kwabantu kwiSAPS, iningi labo ngo-colonel no-brigadier. Balokhu bengitshel­a ukuthi basaphenya. Kuyoze kube nini kulokhu kuthiwa “siyaphenya?”

Ngonyaka odlule, ngenkathi ngishaya ucingo, ngaxhumana nowesimame wakwaZondo, wangitshel­a ukuthi nguye ophethe ifayela lami, wathi ingane isishaywa yiminyaka, kungcono ifake izicelo ngaphansi kohlelo lama-reservist. Kwenzeka kanjani lokho, kuyibona abamoshele ingane yami?

Ingane isike yazama nokuzibula­la amahlandla amabili. Uma siyobika emaphoyise­ni, ngatshelwa ukuthi mangihambe ngiyovula iProtectio­n Order enkantolo. Ingenaphi-ke iProtectio­n Order, ingane ixakekile ifuna ukuqeda ngempilo yayo?

Angikaze ngiyizwe into enje. Saze sahlala ezweni elinabantu abangenalo uzwelo. Namhlanje kuthiwa asivote, sivotele yona le nkohlakalo egcwele kwiSAPS?

Siphinde sivotele ukucindeze­lwa njengoba kwenzeka kumanje? Saze savelelwa!

Isakhamuzi EMLAZA

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa