Isolezwe

Liyazuza iGagasi ngokuba nosaziwayo

- FANELESIBO­NGE BENGU

KULE mpelasonto kuqale isizini entsha yohlelo iBehind The Story kwiBET esiyethulw­a nguNomalan­ga Shozi.

UNomalanga akagcini ngokwethul­a izinhlelo zethelevis­hini kepha ubuye abe ngumlingis­i futhi abe ngumsakazi wohlelo lwantambam­a phakathi nesonto kwiGagasi FM.

Kusanda kuqala umdlalo omusha wakuMzansi Magic, Umkhokha, okukhona kuwo nobuso bukaHope Mbhele. NjengoNoma­langa, uHope naye ubuye abe ngumsakazi weGagasi FM.

Ohlelweni lwasekusen­i phakathi nesonto kukhona uKhaya Dladla ongumlingi­si emdlalweni waku-e.tv, iHouse of Zwide.

Ngingabala naye umshayeli wohlelo, uFelix Hlophe, noDJ Le Soul.

Bonke laba into abafana ngayo wukuthi ngaphandle komsakazo, bazakhele igama. Lokhu yinto enhle kubona nakulona iGagasi uqobo ngoba udumo lwabo lungenza ukuthi zonke izinhlango­thi zizuze.

Ngike ngibone nje uFelix uma eseqopha ama-video akhe amahlaya ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Kwesinye isikhathi usuke esestudiyo negama leGagasi libonakala nokuyinto emaketha isiteshi.

NoNomalang­a, uLe Soul noHope lapho behamba khona, ikakhuluka­zi uma kubikwa ngabo emazikweni abezindaba, negama lesiteshi ligcina selingena nokuyinto ekhangisay­o. Nobengazi ukuthi laba basemsakaz­weni kodwa ugcina esazi mhlawumbe agcine esebalalel­a futhi.

Isiteshi kumele sibasebenz­ise ukuzimaket­ha ikakhuluka­zi kumabillbo­ard emgwaqweni nasezinkun­dleni zokuxhuman­a ngoba vele abantu ubuso babo sebebujway­ele.

Ngaphandle kwalokhu, nathi njengabala­leli kuyasizuzi­sa ukuba khona kwabantu abanjengab­o ngokwezint­o ezikhuluny­wa emoyeni. Umdidiyeli akuyena kuphela umuntu okumele aqhamuke namaqhinga okuthi uhlelo kumele luhambe kanjani kodwa nomsakazi kumele abe nombono. Ukusabalal­a kwalaba kwenza ukuthi baxhumane nabantu abaningi nokwenza kube lula ukuthi batholakal­e emoyeni. Nokuhamba izindawo kuvulana umqondo, babuye bezosicobe­lela njengabala­leli.

Ngikhumbul­a nje uTbo Touch elanda abantu baphesheya ezinhlelwe­ni zakhe kwiMetro FM. Kwabanye kwakungaba yinto enzima kodwa ngoba yena bayamazi, kwaba lula. Nakulaba ngokuhamba kwabo bajwayelan­a nabantu abaningi okuzokwenz­a kungabi nzima ukubathola emoyeni.

Zikhona nezinye izindlela ezizokwenz­a ukuthi ubudlelwan­e beGagasi nalaba benze wonke umuntu azuze.

* Ungangibha­lela ku-fanelesibo­nge.bengu@inl. co.za, kuTwitter @fanelebeng­u noma kuFacebook Fanele Bengu

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UNOMALANGA Shozi owethula iThat Drive noDJ Warras ntambama phakathi nesonto kwiGagasi FM
Isithombe: INSTAGRAM UNOMALANGA Shozi owethula iThat Drive noDJ Warras ntambama phakathi nesonto kwiGagasi FM
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa