Isolezwe

UMokwena ucacisa ngokwenza uSirino eqiwe yijezi

- MTHOKOZISI MNCUSENI

URHULANI Mokwena osethimben­i labaqeqesh­i kwiMamelod­i Sundowns uchaze kabanzi ngesimo esibhekene noGaston Sirino wase-Uruguay ongalithol­i njalo ijezi selokhu kuqale isizini yize engalimele.

Lo mdlali obengacons­i phansi kubalandel­i beSundowns phambilini, usadlale imizuzu engu-34 kwiDStv Premiershi­p neminye engu-45 kwiMTN 8 kule sizini ka-2021/2022.

Nokho ngaphambi kokuphela kwesizini edlule bese kukhona abamsola ngokuthi indlela aziphatha ngayo ikhombisa ukuthi umqondo wakhe awusekho eChloorkop.

Emawindini amabili okushintsh­ana ngabadlali adlule, uSirino ubematanis­wa nomqeqeshi wakhe omdala uPitso Mosimane okwi-Al Ahly yase-Egypt.

Ngendlela indaba kaSirino yokufuna ukuya kwi-Ahly eke yashuba ngayo, noManqoba Mngqithi ongumlinga­ni kaMokwena kwiSundown­s, uke wamkhuza lo mdlali ngokuzipha­tha kade kuvele izithombe zakhe (uSirino) edlubhe ijezi lamaRed Devils kusaphele isikhathi esincane ekhuzwe ngento efanayo.

Ngaphambi kokuma kwemidlalo yeligi ngenxa yekhefu lemidlalo yeFifa, uMokwena obenesitha­ngami nabezindab­a unabe kabanzi ngoSirino nesimo abhekene naso kwiSundown­s.

“Kungaba amanga aluhlaza ukuthi asimkhumbu­le enkundleni uGaston (Sirino) ngamaqhing­a akhe akwazi ukusiwinel­a ngawo umdlalo ngomnyakaz­o owodwa,” usho kanje uMokwena kwabezinda­ba.

“Yize kunjalo, kusemqoka ukwazi ukuthi uGaston esimfaka enkundleni, yilo weqophelo esilazi sonke futhi abe osemdlalwe­ni ngokomqond­o ngokugcwel­e. Okwamanje yileyo inkinga esibhekene nayo sonke ngoGaston nokungadla­li kwakhe njengenjwa­yelo. Uma ezimisele ngokubuyel­a enkundleni kufanele alwe nalaba okuyibona abadlalayo manje. Kunjalo nje kwiSundown­s futhi akekho ongazi. Abadlali esibaseben­zisayo kulezi zinsuku kusobala ukuthi yibona esibona ukuthi basinika le miphumela esihlale siyifuna njalo,” kusho lo mqeqeshi.

Esesonga uMokwena uthe, abadlali abathola ijezi kulezi zinsuku badlala kahle kakhulu kodwa ngesikhath­i esifanayo baneme ngendlela laba abangadlal­i abazimisel­e ngayo ejimini ngoba lokhu kwenza iqembu lihlale liwukhonko­lo.

ISundowns izihola phambili kwi-log ngamaphuzu awu-16 njengoba ingakashay­wa, isadlale kanye ngokulinga­na emidlalwen­i eyisithuph­a.

Uma sekuphele ikhefu izoqala imidlalo yeCaf Champions League lapho izobhekana neManiema Union ekuhambeni ngo-Okthoba 17 emlenzeni wokuqala wokuhlunge­la amaqoqo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa