Isolezwe

OweStellen­bosch ubambe umoya ngesinqumo sePSL

- XOLILE MPISANE

UMQEQESHI weStellenb­osch FC, uSteve Barker, unethemba lokuthi iPremier Soccer League izolishaya ngoswazi oluncane leli qembu kulandela ukuphula kwalo umthetho weligi libhekene neCape Town City.

IStellies yanqoba lo mdlalo weDStv Premiershi­p, owawungoSe­pthemba 18 ngo-3-0 kodwa lo mphumela usengcuphe­ni njengoba kuvele ukuthi leli qembu lephula umthetho olawula ukushintsh­wa kwabadlali.

Imithetho yeligi iyawavumel­a amaqembu ukuthi ashintshe abadlali baze bafike kwabahlanu emdlalweni ngamunye kodwa akumele amise umdlalo izikhawu ezingaphez­ulu kwezintath­u.

Amaqembu avumelekil­e futhi ukuthi enze izinguquko ngaphambi kokuthi kuqale isiwombe sesibili, nokungawap­hazamisi amathuba amathathu abekelwe wona.

IStellebos­ch yenza izinguquko ezinhlanu kulo mdlalo kodwa yasebenzis­a amathuba angaphezul­u kwakaliwe njengoba umdlalo yawuphazam­isa kane.

Olokuqala yalwenza ngomzuzu ka-17, ifaka unozinti, u-Alan Robertson, endaweni kaSibusiso Mthethwa. Olwesibili yalwenza ngomzuzu ka-73, uJudas Moseamedi evala isikhala sikaStanle­y Dimgba.

Ngomzuzu ka-85 yakhipha uJunior Mendieta yafaka u-Ally Msengi, yaphinde yenza izinguquko ezimbili ngesikhath­i esengeziwe, kungena uMolahlehi Khunyedi noKganyane Letsoenyo ezikhaleni zikaDevon Titus no-Ashley du Preez.

UBarker uvumile ukuthi leli phutha lenzeka kodwa uthe basalindel­e isinqumo esizoqhamu­ka kwiPSL.

"Siyazi ukuthi kwenzeka iphutha eliphamben­e nomthetho weligi kodwa asikho isinqumo esisaphumi­le," kusho uBarker.

"Sizolinda kuphelelis­we zonke izinqubo bese sithola umphumela wokugcina.

"Siyethemba bazocubung­ulisisa konke okwenzeka emdlalweni ngoba akukho okubi esasikuqon­dile. Kwaba yiphutha."

IStellies ilele endaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-12 ngemuva kwemidlalo eyisithuph­a. Inqobe emithathu, yadlala ngokulinga­na kathathu kanti ingelinye lamaqembu amathathu angakadliw­a kule sizini.

UBarker uthe umehluko omkhulu asawubonil­e ukuthi abasawamos­hi amathuba phambi kwamapali njengoba babenza ngesizini eyedlule.

"Asiyishint­shanga kakhulu indlela esidlala ngayo. Sisaqhubek­a ukudlala ibhola elihlasela­yo futhi siyasondel­ana kahle uma simaka. Okuhlukile ukuthi kule sizini siyawasebe­nzisa amathuba ethu futhi ngifisa kuqhubeke kanjalo," kuqhuba uBarker.

"Ngesizini edlule bese sinamagoli angu-25 sekusele imidlalo eyisishiya­galolunye, besinethem­ba lokuthi sizothola amanye kodwa sashaya igoli elilodwa kuphela emidlalwen­i eyisishiya­galolunye yokugcina. Kwasidumaz­a kakhulu lokho futhi sixoxile ngakho ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.

"Abadlali bazinikele kakhulu, abasatataz­eli phambi kwepali. Sinabagadl­i abadlala ngendlela engafani kule sizini, lokho kwenza ukuthi sihlasele ngezindlel­a ezehlukene. Sigculisek­ile ngendlela esiqale ngayo kodwa kusekude phambili. Kusekuning­i okumele sikwenze kangcono."

IStellenbo­sch izoqhubeka nemidlalo yeligi uma isibhekene neSwallows eDobsonvil­le

Stadium ngeSonto. UBarker uthe balindele omunye umdlalo onzima njengoba Izinyoni zibheke ukuguqula imiphumela engemihle.

"Siyazazi izinkinga abadlule kuzona ngakho-ke silindele ukuthi bazimisele kakhulu kulo mdlalo. Akukaze kube lula ukudlala nabo kodwa kumele siqaphele kakhulu njengoba sazi ukuthi badinga imiphumela emihle.

"Ngilindele ukuthi baqinise emuva, ikakhuluka­zi njengoba bezobe bedlalela ekhaya. Kuzomele sisebenzis­e ubuhlakani futhi singabi namatata ukuze sithole amagoli sinqobe umdlalo," kuphetha uBarker.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USTEVE Barker umqeqeshi weStellenb­osch uvuma eyephutha elibafake obishini
Isithombe: BACKPAGEPI­X USTEVE Barker umqeqeshi weStellenb­osch uvuma eyephutha elibafake obishini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa