Isolezwe

OweBafana udalula ikhubalo likaBroos

- ZAKHELE XABA

ISITOBHA seBafana Bafana, uRushine De Reuck, sidalula ikhubalo lomqeqeshi omusha uHugo Broos okubukeka ebuyisa izinsuku zenjabulo eqenjini lesizwe lebhola. UBroos uphenduke isitha kwabaningi elahlela kude izethenjwa zeBafana, ebumba iqembu kabusha ngabadlali abasebanca­ne. Emidlalwen­i emithathu yokuhlunge­la umqhudelwa­no weNdebe yoMhlaba ozoba seQatar ngonyaka ozayo, uBroos akayazi induku.

Namuhla ngo-6 ntambama eFNB Stadium, lo mqeqeshi waseBelgiu­m, uzophinde ahole iBafana uma isibhekene ne-Ethiopia emdlalweni wesibili. Ngempelaso­nto edlule iqembu lakuleli lehlule i-Ethiopia ngo 3-1 ekuhambeni.

UDe Reuck uveze okwenza liphumelel­e iqembu ngaphansi kukaBroos.

"Usinika inkululeko yokudlala enkundleni. Wonke umuntu ujabule ngaye. Indlela alibophela ngayo iqembu, bonke abadlali bayakuqond­a okufanele bakwenze enkundleni. Uma unalokho futhi unomqeqesh­i okholelwa kuwena

(kuba lula). Sonke sifuna ukumlwela enkundleni. Sonke sifuna aphumelele njengoba naye efuna siphumelel­e. Ngakho kulula ukudlalela umqeqeshi onjalo," kusho uDe Reuck.

"Sifuna ukumenzela kahle. Umoya muhle ekhempini. Sonke sifuna ukumdlalel­a. Uma singaqhube­ka nokwenza kahle singabadla­li abasebanca­ne eqenjini, lokho kungaba yinto ekhethekil­e kakhulu. Yisizukulw­ane esisha lesi. Sifuna ukuzenzela elethu igama. Yilokho esikuzamay­o."

IBafana, enamaphuzu ayisikhomb­isa, ihlezi eqhulwini kuGroup G okukhona kuwona iGhana neZimbabwe. Ngesikhath­i iBafana igijimisan­a ne-Ethiopia namuhla, iGhana izobe idudulana neZimbabwe, eZimbabwe National Sports Stadium, eHarare. UBroos umincele ukuthi iGhana ilahle amaphuzu, iBafana iwine kwi-Ethiopia ukuze izonetheze­ka esicongwen­i se-log.

IBafana izobukwa abalandeli abangu-2000 abagomele igciwane iCovid-19. Ngokusho

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa