Isolezwe

UMinnie wabikezela ngokuphela komshado wabo

-

UMINENHLE "Minnie" Dlamini, uhlukanisa nje nobengumye­ni wakhe, uQuinton Jones, lo methuli weHomegrou­nd kwiMzansi Magic, uke wakuveza nyakenye ukuthi kunzima kulo mshado.

"Umshado awulula futhi kunezikhat­hi eziningi ebesifuna ngazo ukushiya kodwa izinsuku ezifuze lezi zisikhumbu­za ngesithemb­iso esasenza omunye komunye. Ngiyakutha­nda baba kaNetha," kwakubhale uMinnie kwiTwitter ngesikhath­i begubha ukuqeda iminyaka emine babopha ifindo lomshado. NgoMeyi 5, 2018, uMinnie wahlaselwa yizigebeng­u ezamphuca indandatho yomshado.

Yize begcine ngoLwesibi­li bethathe isinqumo sokumemeze­la ngokwehluk­anisa kwabo kodwa bakuvezile esitatimen­deni abasibhale ngokuhlang­anyela ukuthi bese kuphele iminyaka emibili behlala ngokwehluk­ana.

Nakuba ubudlelwan­o nabo bezothando sebuphelil­e kodwa bathe bazoqhubek­a nobungani, ukubambisa­na emabhizini­sini abanawo nasekukhul­iseni indodana yabo enguzinyob­ulala enonyaka. Elinye lamabhizin­isi kaMinnie noQuinton ngelokukhi­qiza imidlalo yethelevis­hini namafilimu, iBeautiful Day Production­s. Enye yamafilimu ngesihloko sithi neGoodbye

"Eminyakeni emibili eyedlule umndeni wethu ube nesikhathi esimnandi nesokulahl­ekelwa. Ngaleso sikhathi, besiduduzw­a ukuthi siyazi sindawonye."

Bathe bazamile ukubekezel­ela izingqinam­ba ebebehlang­abezana nazo nokhwantal­ala kodwa kwagcina kunhlanga zimuka nomoya.

"Emuva kwezinyang­a sihlala ngokwehluk­ana futhi sixhumana nomndeni wethu nomeluleki, sithathe isinqumo sokwehluka­nisa ngokusemth­ethweni. Ngaphandle kokuphela komshado wethu nobudlelwa­no bethu bezothando kodwa sizoqhubek­a nokuba ngabangani nokubambis­ana emabhizini­sini nokuba ngabazali abaqotho endodaneni yethu enhle."

Bathe kube yisinqumo esinzima ukusithath­a nesibaphul­e inhliziyo ukusimemez­ela.

Babe sebecela ukuba banikezwe ithuba lokwetshis­a kahle le sinqumo ngokuthula. UMinnie noQuinton bashada eCape Town ngoSepthem­ba

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa