Basontele emgwaqweni kulenga ingidi esontweni
ZIMAPEKETWANE izinto esontweni lamaRoma aKhatholika njengoba ngeSonto ephoqeleke ukukhonzela emgwaqweni emuva kokuba abazibiza ngamakholwa bevale amasango ngezingidi ezinkulu bathi badinga kuhlanjululwe ilathi.
lithole ukuthi sekunesikhathi isimo sishubile e-Uganda Martyrs, kwaG eMlaza, njengoba amakholwa acela ukuthi uFata Alexius Madela obekuleli bandla ahambe.
UMadela usolwa ngokungaphathi kahle imali yebandla, amacala ocansi nokudayisa impahla yebandla, okubalwa kuyo izimoto nama-air-conditioner ayenikeliwe.
Ngo-2019 uMadela wayesenkantolo nesikhulu sezemidlalo esasimsola ngokugweva nempahla yomkaso owayeseshonile.
NgoMashi 19 amadoda ebandla kuthiwa abhalela uMadela incwadi emcela ukuthi ahambe e-Uganda ngoba esekhathele ‘yimikhuba ayigilayo’.
Kuthiwa uMadela akazange ahambe ngesikhathi amakholwa emcela ukuthi ahambe kunalokho wahlala elathini waze wahamba sekufike amaphoyisa nombhishobhi.
Kuthiwa emuva kwalesi sigameko uMbhishobhi waseMariannhill, uNeil Frank, ube eseqala uphenyo ngezinsolo ezibhekiswe kuMadela.
Kulindeleke ukuthi imiphumela yophenyo ikhishwe ngasekupheleni kukaMeyi.
NgeSonto, akucaci ukuthi ngubani ovale isonto.
Okwamanje amakholwa ase-Uganda athunyelelwa umphriste owenzela imisa.
Umphriste unqume ukwenza imisa emgwaqweni ngoba esangweni bekunamekwe incwadi ebibhalwe ukuthi: “Makadunyiswe uJesu Kristu kuze kube phakade. Sithanda ukunazisa ukuthi sicele ukuthi indlu yethu yokukhonza ivalwe kuze kube kuhlanzwa ilathi nokuthi kube nobulungiswa kuzo zonke izinhlaka ezithintekayo. Simazisile umbhishobhi ngezikhalo zethu. Siyabonga - Amalungu ebandla.”
Le ncwadi idale ukudideka kwamanye amakholwa njengoba ekhala ngokuthi kawazi ukuthi ibhalwe wobani futhi basithathaphi isibindi sokuvala indlu yesonto ekubeni zikhona izindlela zokulungisa izinto.
Abonge ukuthi ufata ukwazile ukuwenzela imisa noma libe semgwaqweni, kwathi elilandelayo layiswa kwesinye isifundabhishobhi sakhona eMlaza.
Imizamo yokuthola uMbhishobhi Frank ayiphumelelanga izolo.